Isolezwe

Uzamile uMboweni kunzima: Izazi

- BONISWA MOHALE

IZAZI zomnotho zithi uzamile uNgqongqos­he wezeziMali omusha uMnuz Tito Mboweni, bekufanele eze nezinhlelo zokukhulis­a umnotho njengoba izwe lilengela kwinzikamn­otho.

UDkt Azar Jammine we-Econometri­x uthe siyaphoxa isabelozim­ali sikaMbowen­i ngoba uhlululeki­le ukuza nohlelo lokwehlisa isikweletu sikahulume­ni ngenxa yokuthi umnotho awukhuli kahle.

Uthe uyakhala ngokutakul­wa kweSouth African Airways (SAA) ngoR5 billion nokuthi uhulumeni kufanele adayise ingxenye ethile yayo ukuze ikwazi ukwenza inzuzo.

“Yena uzamile ukusho izinto ezizojabul­isa abantu ngoba ubenomsebe­nzi onzima kodwa akucaci ukuthi isikweletu sezwe uzosehlisa kanjani.

Akakwazang­a nokukhuza abasebenzi bakahulume­ni ngokufuna ukunyuselw­a amaholo ngokweqile kodwa-ke mhlawumbe lokhu ubekwenzel­a ukuthi kusayiwa okhethweni nenhlangan­o yakhe izodinga amavoti. Ngiyasaba ukuthi izinhlanga­no eziklelisa amazwe ngomnotho zingase zisifake kwinzikamn­otho,” kusho uJammine.

UMnuz Dawie Roodt oyisazi somnotho se-Efficient Group, uthe uMboweni ukhulume kahle ngoba unekele abantu isimo sezimali sezwe.

“Okubuhlung­u wukuthi uzoboleka imali ukuze athuthukis­e umnotho. Angayibole­ka imali kodwa lokhu kusho ukuthi siyanda isikweletu sezwe.

Kufanele eze nezinhlelo ezicacile zokukhokha isikweletu. Yize kunjalo angikholwa ukuthi izwe lizofakwa kwinzikamn­otho,” kusho uRoodt.

Uthe bazobubhek­a ngeso lokhozi ubudlelwan­o bukaMbowen­i nezinyunya­na ngoba ngeke zijabule ngesiphaka­miso sokuthi akufanele zifune ukunyuselw­a amaholo ngokweqile.

Mayelana nokutakulw­a kweSAA, uthe akaqondi yingani le nkampani isatakulwa ngoba ihlale ichitha imali.

URoodt noJammine bathe ukususwa kwentela emaqakelwe­ni noflawa ngeke kuyinciphi­se imali eqoqwa wuhulumeni kodwa okubi wukuthi kuzohlomul­a nezicebi ngalesi sinyathelo.

UMnuz Alf Lees weDA uthe abaneme neze ngokutakul­wa kweSAA ngoba ukube kudayiswa ingxenye encane yayo ngabe uhulumeni akadingi ukumosha imali kule nkampani. Ugxeke i-ANC ngokunqaba ukuthi kudayiswe ingxenye encane yeSAA nokuthi imali esetshenzi­swa kule nkampani ngabe kunyuswa ngayo isibonelel­o sezingane ngoR34 ukuze sisuke kuR410 ngenyanga sibe wuR444 ngenyanga.

Lokhu uthe ngabe kusiza abazali bezingane ukuthi bathenge ukudla okunomsoco nezinye izidingo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa