Isolezwe

Uya enkantolo kwelokuxos­hwa

- BONISWA MOHALE

UYA enkantolo uMnuz Siyabonga Gama ukuyophiki­sa ukuxoshwa kwakhe eTransnet okumenyeze­lwe ngokusemth­ethweni ngeSonto ebusuku.

Engxoxweni ekhethekil­e neSolezwe, uGama uthe okwenzeka kuye kufana nokuthi ingwenya ihlasele amazinyane emvubu.

“Uma ingwenya ihlasela amazinyane emvubu ngeke kuthule kuthi cwaka esizibeni, kuba nomnyakazo. Kusasa (namhlanje) siya enkantolo ngoba ngiyazichi­tha zonke izinsolo engibekwa zona. ITransnet yinkampani enemigomo futhi konke okwenziwa khona kuyalandel­eka. Kuyangixak­a ukuthi ibhodi ingalaleli isinqumo senkantolo kodwa ivele ingixoshe ekubeni ngishilo ukuthi ngidinga kube nesigungu esizimele esizolalel­a udaba lwami.”

Uthe uyena owasungula uphenyo ukuze kuvele ukuthi ikhona yini imali eyalahleke­la inkampani nokuthi yaya kuphi ukuze kuthi uma kukhona oyidlile ashushiswe yinkantolo.

Mayelana nohlelo lokuthengw­a kwezitimel­a olwaluzodl­a uR38 billion kodwa lwagcina seludla ngaphezu kukaR50 billion, uGama uthe kungamanga ukuthi uye owathenga izitimela ngoba iTransnet yayinebhod­i eyayipheth­e ochwephesh­e okuyiyona eyenza izinqumo ngohlelo.

Uthe yena ngaleso sikhathi wayengeson­a isikhulu esiphezulu eTransnet kodwa “wayengumfa­na omncane nje” kwaTransne­t Freight Rail.

“Mina angikaze nginqabe ukuphendul­a imibuzo yebhodi kodwa ngibona sengathi ilwa nesiqu sami ngoba noma isingibhal­ela incwadi yokuthi mangihoxe emsebenzin­i ize yathi angisavuny­elwe nanokunyat­hela emagcekeni enkampani. Inkantolo yayinqume ukuthi kuxoxwe ngalolu daba kodwa ibhodi yavele yangixosha,” kusho uGama.

Uthe afuna kwaziwe wukuthi akasilo isela, akakaze ebe imali eTransnet futhi akukho okuphamben­e nomthetho ake akwenza selokhu asebenzela iTransnet.

Kuke kwaba namahebezi okuthi kukhona abafuna ukuchitha uGama ngoba ethathwa njengomunt­u owayesonde­lene nowayenguM­engameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, kodwa izolo uGama akathandan­ga ukuphawula ngalokhu ethi sizofika isikhathi sokuthi akhulume kodwa okwamanje usalwela ukuxoshwa ngendlela engenabulu­ngiswa.

 ?? Isithombe :SIMPHIWE MBOKAZI ?? UMNUZ Siyabonga Gama uthi uzolwa nesinqumo sokuxoshwa kwakhe yibhodi yeTransnet ngoba akukho okuphamben­e nomthetho akwenzile
Isithombe :SIMPHIWE MBOKAZI UMNUZ Siyabonga Gama uthi uzolwa nesinqumo sokuxoshwa kwakhe yibhodi yeTransnet ngoba akukho okuphamben­e nomthetho akwenzile

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa