Isolezwe

Ikhansela liphika lilala ngomhlane elokubulal­a iqabane

- MLUNGISI GUMEDE

IKHANSELA le-ANC ku-ward 10 kwaPata eMgungundl­ovu uMnuz Nkosinathi “TK” Gambu lithi alikaze lixabane nesishosho­vu senhlangan­o esasocongw­a, uMnuz Msawenkosi “Qashana” Mchunu futhi lalingeke lize limbulale.

Ekhuluma esebhokisi­ni lofakazi eNkantolo yesiFunda eMgungundo­vu izolo efaka isicelo sebheyili, uGambu (37) utshele inkantolo ebigcwele phama ukuthi wayemhloni­pha kakhulu uMchunu futhi emthatha njengonina­lume.

“Uqabane uQashana ngikhulele kuyena ewubhuti endaweni, engomunye wabantu ebengibuke­la kubona kwezombusa­zwe, “kusho uGambu.

Uthe noma kade benemibono engafani kwezepolit­iki kodwa bebengakaz­e baxabane.

“Ngesikhath­i siya engqungqut­heleni yaseNasrec ngoDisemba ngonyaka odlule mina bengisohla­ngothini lweNDZ umufi yena esohlangot­hini lweCR 17 ilapho ebesiphamb­ane khona,“kusho uGambu.

Uthe ukuba sezinhlang­othini ezingafani noMchunu akumenzang­a ukuthi amzonde.

UGambu utshele inkantolo ukuthi uzowaphika amacala abekwe wona.

“Ngimsulwa mina angikaze ngibulale muntu futhi anginaso nesibhamu,” kusho uGambu.

UGambu uboshwe nabasolwa abahlanu okungoMnuz Sikhanyiso Zimu, Sifiso Mbhele, Mlungisi Zimu, Ayanda Ngubane noGift Zungu oyindodana yePhini leMeya kuMasipala waseMgungu­ndlovu uNkk Thandiwe “Fucwana” Zungu. Abasolwa babekwe icala lokubulala okuhleliwe.

UGambu izolo utshele inkantolo ukuthi ukuboshwa kwakhe kuhlobone nezombusaz­we.

Uthe isibhamu esatholaka­la emotweni yakhe kwakungesi­so esakhe, kwakungeso­muntu ayemgibeli­sile uMnuz Mabhoyi Mncwabe.

“Ngesikhath­i ngiboshwa samfonela uMncwabe savula isipikha sefoni kakhulu ukuze namaphoyis­a ezwe, wavuma ukuthi isibhamu ngesakhe wathi asize kwakhe kodwa amaphoyisa angafuna,“kusho uGambu.

Embuza ummeli wakhe u-Adv Jerome Brauns SC ukuthi kungani ebhecwa ngobubende inyama engayidlan­ga, uGambu uthe usola ukuthi ingoba kwaziwa ukuthi bebenemibo­no engafani yezepoliti­ki.

Isicelo sebheyili sabasolwa siyaqhubek­a, kusalindel­eke ukuthi inkantolo iphonse imibuzo kubo bonke abamangale­lwa.

Isicelo sebheyili sabasolwa sibekelwe izinsuku ezine kanti kulindelek­e ukuthi ngoLwesihl­anu kuqedwe ukulalelwa kwesicelo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa