Isolezwe

Usonga ngokudalul­a amahlazo aseNdumeni

- INTATHELI YESOLEZWE

IMEYA yaseNdumen­i esihoxa, uMnuz Sboniso Mbatha, isabisa ngokugeqa amagula ngenkohlak­alo yaseNdumen­i uma beyivulela icala noma beyikhokhi­sa imali esolwa ngokuthi yayikhwaba­nisa.

UMbatha ukusho lokhu izolo ngemuva kokuhoxisw­a kwecala abebekwe lona Oklebe enkantolo yaseDundee.

“Ngithi bayangibhe­dela labo abathi mina angikhokhe imali yamakhilom­itha. Basho ukuthi yimi yini ebengizikh­okhela amakhilomi­tha ngoba bakhona abasebenzi abebenza lokho. Okwesibili bayayazi imoto yami ebengiyise­benzisa. Nakuba ngingafuni ukuphawula kakhulu ngalo mbiko woMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu kodwa ayikho into ephambene engiyenzil­e. Uma beqhubeka nokungikho­khisa bangivulel­e necala ngizodalul­a konke abakwenza. Okokuqala kuzomele bakhokhe le mali engu-R4 million abayinikez­a esinye sezikhulu,” kusho uMbatha.

Uthe ujabule njengoba ephumile ecaleni futhi ufisa izwe lazi ukuthi isipokwe siphumile ngoba baningi abese bejabule bebhalela amaphepha befonela nemisakazo bekhuluma ngaye.

UMbatha kufanele agcine kuleli sonto eNdumeni kanti naye akasafuni ukuba khona njengoba ethi usejahe ukuba yilungu lomphakath­i elejwayele­kile.

Lo mholi uneminyaka engu-31 ubudala kanti ungene esikhundle­ni eneminyaka engu-29.

Ngaleso sikhathi ubenguSihl­alo wesiyingi se-IFP saseNdumen­i okumanje sibhekene nezinkinga ngenxa yokulwa kwangaphak­athi.

UMbatha ufake incwadi yokwesula ngokusemth­ethweni ngoLwesine oludlule. NgoMsombul­uko yamukelwa umkhandlu idluliswa imenenja kamansipal­a eyihambise kwa-IEC ukuze namhlanje kumenyezel­we ngokusemth­ethweni ukuthi umkhandlu awusenayo imeya.

“Ngithi sibuyile isipoki ngakho bonke labo abebefonel­a oKhozini, eGagasini nakwiKhwez­i bekhuluma ngami abaphinde bafone basho ukuthi sengiphumi­le. Ngisho necala lelo ebengibekw­e lona bekuyinto engekho ngoba angikaze mina ngiphathe isibhamu futhi angiyiphat­hi ke eyesibhamu esingekho emthethwen­i. Mina nje angingenan­ga ngisho ebhokisini namhlanje ngingaphan­dle,” kusho uMbatha.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa