Isidididi kuhoxiswa icala lemeya
KUCASUKE umphakathi ngesikhathi kuba nesidididi enkantolo yeMantshi eDundee, KwaZulu-Natal, ecaleni leMeya yaseNdumeni esisulile esikhundleni nesolwa nabo ngesikhathi iMantshi imemezela ukuthi icala liyahoxiswa ngenxa yamaphutha atholwe wumshushisi.
Lokhu kwenzeke ngemuva kuka-11 ekuseni sekubhekwe ukuba abamangalelwa, oMnuz Sboniso Mbatha, oyiMeya ehoxayo eNdumeni, umqaphi wakhe, uMnuz Thulani Manqele, nemenenja kamasipla kwaSupply Chain Management, uMnuz Siyabonga Ngwenya, bavele enkantolo.
Umshushisi, uMnuz Israel Zuma, uthe ngenxa yamaphutha unqume ukuba angabe esalifaka ohlwini lwamacala abezongena eMantshini uYandisa Ngwabe.
“Ngenxa yalokhu sibone kungcono ukuba amacala abamangalelwa adluliselwe kuMqondisi woPhiko lezokuShushiswa koMphakathi ukuze kube nguye othatha isinqumo sokuba bangashushiswa yini. Yingakho icala silihoxisa okwamanje,” kusho uZuma. Uthe bonke abamangalelwa badedelwe baya emakhaya. Okubuye kwavela wukuthi ezinye izinto asolwa ngazo uMbatha bekungafanele nokuba zifike kuye kodwa bezidinga ukuxoxwa ngaphakathi kwamasipala. UMbatha ubesolwa ngokuqamba amanga ngemuva kokushayisa imoto yomkhandlu athi yayishayelwa nguManqele yena osolwa ngokuvuma ukuthi wayeyishayela ekubeni wayengekho.
UMbatha ubebekwe necala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, ukukhomba umuntu ngaso nokuphazamisa ukusebenza komthetho.
UNgwenya ubebekwe icala lokuqamba amanga ngokuthi athi kunebhomu elalingekho ngesikhathi kunomhlangano wokuchitha iMeya ngevoti lokungayethembi nyakenye.
Umphakathi ubuphume ngobuningi namaphoyisa eTRT abegcwele ngaphandle kwenkantolo eqaphe isimo. Abantu badinwe baphuma benxapha sebetshelwa ukuthi icala alisekho abahambe.
Ifu elimnyama liyaqhubeka nokulandela uMbatha njengoba umbiko wopheyo loMnyango wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uyalele imenenja kamasipala, uMnuz Sipho Ntuli, ukuthi immangalele benoNgwenya nezinye izikhulu ezithinteka embikweni bese bebuyisa nemali okuthiwa bayikhwabanisa.