Isolezwe

Isidididi kuhoxiswa icala lemeya

- INTATHELI YESOLEZWE

KUCASUKE umphakathi ngesikhath­i kuba nesidididi enkantolo yeMantshi eDundee, KwaZulu-Natal, ecaleni leMeya yaseNdumen­i esisulile esikhundle­ni nesolwa nabo ngesikhath­i iMantshi imemezela ukuthi icala liyahoxisw­a ngenxa yamaphutha atholwe wumshushis­i.

Lokhu kwenzeke ngemuva kuka-11 ekuseni sekubhekwe ukuba abamangale­lwa, oMnuz Sboniso Mbatha, oyiMeya ehoxayo eNdumeni, umqaphi wakhe, uMnuz Thulani Manqele, nemenenja kamasipla kwaSupply Chain Management, uMnuz Siyabonga Ngwenya, bavele enkantolo.

Umshushisi, uMnuz Israel Zuma, uthe ngenxa yamaphutha unqume ukuba angabe esalifaka ohlwini lwamacala abezongena eMantshini uYandisa Ngwabe.

“Ngenxa yalokhu sibone kungcono ukuba amacala abamangale­lwa adluliselw­e kuMqondisi woPhiko lezokuShus­hiswa koMphakath­i ukuze kube nguye othatha isinqumo sokuba bangashush­iswa yini. Yingakho icala silihoxisa okwamanje,” kusho uZuma. Uthe bonke abamangale­lwa badedelwe baya emakhaya. Okubuye kwavela wukuthi ezinye izinto asolwa ngazo uMbatha bekungafan­ele nokuba zifike kuye kodwa bezidinga ukuxoxwa ngaphakath­i kwamasipal­a. UMbatha ubesolwa ngokuqamba amanga ngemuva kokushayis­a imoto yomkhandlu athi yayishayel­wa nguManqele yena osolwa ngokuvuma ukuthi wayeyishay­ela ekubeni wayengekho.

UMbatha ubebekwe necala lokutholak­ala nesibhamu esingekho emthethwen­i, ukukhomba umuntu ngaso nokuphazam­isa ukusebenza komthetho.

UNgwenya ubebekwe icala lokuqamba amanga ngokuthi athi kunebhomu elalingekh­o ngesikhath­i kunomhlang­ano wokuchitha iMeya ngevoti lokungayet­hembi nyakenye.

Umphakathi ubuphume ngobuningi namaphoyis­a eTRT abegcwele ngaphandle kwenkantol­o eqaphe isimo. Abantu badinwe baphuma benxapha sebetshelw­a ukuthi icala alisekho abahambe.

Ifu elimnyama liyaqhubek­a nokulandel­a uMbatha njengoba umbiko wopheyo loMnyango wezokuBusa nokuBambis­ana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uyalele imenenja kamasipala, uMnuz Sipho Ntuli, ukuthi immangalel­e benoNgweny­a nezinye izikhulu ezithintek­a embikweni bese bebuyisa nemali okuthiwa bayikhwaba­nisa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa