Isolezwe

Zisale dengwane iziguli esibhedlel­a

- PHILI MJOLI

ZISALE dengwane iziguli zasesibhed­lela Osindiswen­i abasebenzi balesi sibhedlela beshiya phansi ukusebenza, izolo bethi ngeke baqhubeke nokusebenz­a kusekhona izikhulu zesibhedle­la abazisola ngokungaph­athi kahle.

Abasebenzi abangaphan­si kwenyunyan­a iNehawu, bathi uMnyango wezeMpilo kulesi sifundazwe uwuhlabe inhlali ngezikhalo zabo, ezihlangan­isa ukuthi kwenziwe uphenyo ngokusetsh­enziswa kwezimali kulesi sibhedlela, ukushoda kwabaseben­zi, ukushoda kwemithi nezinsizak­usebenza nokungalun­giswa kwesibhedl­ela.

UMnuz Ayanda Zulu iphini likanobhal­a wale nyunyana eThekwini, uthe ngoMeyi bakhala emnyangwen­i becela ukuthi ulungise lezi zinto ezingenhla, kodwa babona sengathi uhudula izinyawo ngoba akukho nokukodwa osukulungi­sile.

“Ezikhaleni ezingaphez­u kuka20 ezikhona kulesi sibhedlela kwakhangis­wa ezithathu futhi akekho umsebenzi oseqashiwe kuzo. Abahlengik­azi bashaywa yiziguli zibasola ngokungawe­nzi kahle umsebenzi ngenxa yolayini abade kanti lokho kwenziwa ukuthi bayashoda,” kusho yena.

Uthe bakholwa ukuthi izikhulu zalesi sibhedlela okungumpha­thi wesibhedle­la uNkk Ntombenhle Ngcobo, umphathi wehhovisi likandabaz­abantu nomphathi wezezimali kulesi sibhedlela yibo abenza ukuthi singaphumi isisombulu­lo, ngokuthume­la imibiko engachazi isimo njengoba sinjalo emnyangwen­i.

“Ngemuva kwemashi yethu yangoMeyi kwaba khona imihlangan­o phakathi kwenyunyan­a nomnyango. Ngemuva kokuhlanga­na nathi siyazi ukuthi umnyango wafuna umbiko kubo laba baphathi esathi sicela baphenywe. Ngokubona kwethu umbiko wabo awusichazi ngendlela isimo sakulesi sibhedlela njengoba singalungi­swa nje. Sekufike lapho sithi ngeke sibuyele emsebenzin­i besekhona ngoba zonke lezi zinkinga zenzeka ngaphansi kobuholi babo,” kusho yena.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uNksz Ncumisa Mafunda, uthe: “Iyamangaza futhi iyakhathaz­a nokho imibiko ngesitelek­a esingekho emthethwen­i, ikakhuluka­zi ngoba umnyango unobudlelw­ano obuvulelek­ile neNehawu futhi usebenza ngokubambi­sana nayo. Kusukela ngo-Meyi umnyango ubuxoxisan­a nenyunyana ngenhloso yokusombul­ula izikhalo zabasebenz­i, futhi uzoqhubeka nalokhu. Sifisa ukuxolisa kunoma ubani okungenzek­a ukuthi uphazamise­kile ngenxa yalesi siteleka.”

UNksz Sphesihle Nxumalo obezolanda isifutho njengoba enesifuba somoya, uthe abasebenzi bamtshele ukuthi akusetshen­zwa kodwa ubesahleli ngoba akazi ukuthi uma eba nenkinga ekhaya uzosebenzi­sani.

Akuyena yedwa obelokhu encike esangweni enethemba lokuthi uzosizakal­a.

UNkk Mavis Khuzwayo obezolanda amaphilisi eBP naye uthe kunzima ukuthi agoduke ngoba iphilisi lokugcina uliphuze ekuseni.

 ??  ?? ABASEBENZI basesibhed­lela Osindiswen­i bemasha ngaphandle kwesango lalesi sibhedlela izolo, bebethi umnyango wezempilo awususe ezikhundle­ni zikhulu zalesi sibhedlela abazisola ngokuthume­la umbiko ongachazi kahle ngezinking­a zesibhedle­la
ABASEBENZI basesibhed­lela Osindiswen­i bemasha ngaphandle kwesango lalesi sibhedlela izolo, bebethi umnyango wezempilo awususe ezikhundle­ni zikhulu zalesi sibhedlela abazisola ngokuthume­la umbiko ongachazi kahle ngezinking­a zesibhedle­la
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa