Isolezwe

Baphuthuny­iswe esibhedlel­a abafundi kusha igumbi lesikole

- ZANELE MTHETHWA

KUNGENISWE esibhedlel­a abafundi abathathu abalashelw­a ukuthuka ngenxa yokuqubuka komlilo esikoleni abahlala ngaphakath­i kuso eHarding, ePort Shepstone.

Kudingeke badedelwe ekuseni abafundi bamabanga aphansi eSehole Combined izolo emuva kokuqubuka komlilo egunjini okubekwa kulo izimpahla zesikole. Kuthiwa umlilo okungaziwa ukuthi udalwe yini, uqubuke ngehora lesithlanu ekuseni, kwabona umfundi obeyolanda umfaniswan­o wakhe wesikole kuleli gumbi.

Okhulumela uMasipala uMuziwaban­tu, uNksz Nkosikhona Zwane, uthe bathumele ithimba lezicisham­lilo ngokushesh­a, umlilo wakhalimek­a.

“Abasebenzi bethu basizane neFarmers Associatio­n okuyinhlan­gano eqokwe uMasipala ukubheka amapulazi. Ithimba elibhekele­le izinhlekel­ele lithole ukuthi sisodwa isakhiwo esishile okuyilapho bekubekwe khona izimpahla. Bathathu abafundi abangenisw­e esibhedlel­a eSt Andrews ngenxa yalesi sigameko,” kusho uNksz Zwane.

Uthishanhl­oko uMnuz Gugulakhe Cebisa uthe ukufunda kuphazamis­eke kuphela kubafundi bamabanga aphansi njengoba lesi sikole esiseduze nemishini sixubile.

“Sibagoduki­sile abafundi ngoba bebeseduze nalapho kushe khona. Abafundi abayiswe isibhedlel­a abalimalan­ga kodwa siyalelwe ukuthi bayolashel­wa ukwethuka,” kusho uCebisa.

Uthe namuhla bonke abafundi bazobuyela esikoleni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuphenywa icala lokucekela phansi impahla emuva kokuba bebikelwe ngokusha kwesikole ngezithuba zabo-5 ekuseni. Uthe akwaziwa ukuthi umlilo udalwe yini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa