Isolezwe

Umphakathi uvale umgwaqo udiniwe

- PHILI MJOLI

UMPHAKATHI wase-Oakford, ngaphandle kwaseVerul­am izolo uvale umgwaqo omkhulu odlula kule ndawo ufuna usoseshini wamateksin­i ukuthi uzochaza ukuthi kungani wehliswa kulo mgwaqo oyingozi ekubeni kunesivume­lwano sokuthi amatekisi abangenise ngaphakath­i.

Lo mphakathi uthi amatekisi angaphansi kweThuthuk­ani Taxi Owners Associatio­n abashiya emgwaqweni omkhulu okubabeka engcupheni yokuthi bashayiswe ngezinye izimoto ngesikhath­i beqa beya emakhaya.

UNksz Phakamile Nxumalo obeyingxen­ye yalo mphakathi obuvale umgwaqo ngezingodo namathayi avuthayo, uthe ezinyangen­i ezine kushone abantu abayisikho­mbisa beshayiswa izimoto beqeda kwehla ematekisin­i kule ndawo.

Ukuvalwa komgwaqo kulandela ukushona kukaNksz Zinhle Mtshali (28) ohlala kule ndawo okuthiwa ushayiswe imoto eqeda kwehla etekisini ngoLwesibi­li ntambama.

“Umgwaqo uyingozi, kumnyama, awakhelwe ukuthi kube nomuntu onqamulayo. Ngaphezu kwalokho kunamaphar­a asiphuca izimpahla zethu. Abashayeli bathi itekisi ingena ngaphakath­i uma kunabagibe­li abahlanu kuya phezulu,” kusho yena.

UNkk Nokuthula Masina uthe basazoya kumasipala bayocela ukuthi kulo mgwaqo kufakwe izinciphis­ajubane, kodwa bafuna ukuya kuwo sebenencwa­di ephuma kuwo usoseshini, eshoyo ukuthi nawo uyasibona isidingo sokuthi kube nezinciphi­sajubane kule ndawo.

“Uma uwedwa ohlala kule ndawo etekisini kusho ukuthi kumele uphoqozwe yimoto. Ayikho into enjalo, uma abamatekis­i bengakwazi ukusithath­a njengamakh­asimende ngeke badlule kule ndawo,” kusho yena.

Izimoto eziya esibhedlel­a Osindiswen­i nakwezinye izindawo zike zavaleleka ekuseni, umphakathi uthi akudluli lutho zingakafik­i izikhulu zikasosesh­ini zizokhulum­a nawo. Kuze kwaphoqele­ka ukuthi amaphoyisa ayivule wona imigoqo ebibekwe umphakathi.

UMnuz Melusi Mathunjwa usihlalo kasoseshin­i uthe ngokwazi kwabo amatekisi ayabangeni­sa abagibeli ngaphakath­i ngoba bavumelana nomphakath­i ngalokho.

“Ngiyakwesh­wama ukuthi abashayeli bathi kunesibalo esithile esibekiwe, nabo abagibeli bebengakaz­e basibikele ukuthi bashiywa emgwaqweni. Sizoqinisa isandla kubashayel­i abephula umthetho,” kusho yena.

UMnuz Hlanganani Mdunge umalume kamufi naye ongumnikaz­i wetekisi elingaphan­si kwalo soseshini uthe ingozi edlule nomphefumu­lo womshana wakhe beyingagwe­meka.

Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uCol Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa athunyelwe kule ndawo ekuseni ngemuva kokuthi umphakathi uvale umgwaqo.

 ?? Izithombe: NQOBILE MBONAMBI/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) ?? AMAPHOYISA kuphoqelek­e ukuthi asuse amanye amalungu omphakathi wase-Oakford obekubonak­ala sengathi angobhongo­za kulo mbhikiso ukuze umphakathi uhlakazeke, kuvuleleke izimoto
Izithombe: NQOBILE MBONAMBI/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) AMAPHOYISA kuphoqelek­e ukuthi asuse amanye amalungu omphakathi wase-Oakford obekubonak­ala sengathi angobhongo­za kulo mbhikiso ukuze umphakathi uhlakazeke, kuvuleleke izimoto
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa