Umphakathi uvale umgwaqo udiniwe
UMPHAKATHI wase-Oakford, ngaphandle kwaseVerulam izolo uvale umgwaqo omkhulu odlula kule ndawo ufuna usoseshini wamateksini ukuthi uzochaza ukuthi kungani wehliswa kulo mgwaqo oyingozi ekubeni kunesivumelwano sokuthi amatekisi abangenise ngaphakathi.
Lo mphakathi uthi amatekisi angaphansi kweThuthukani Taxi Owners Association abashiya emgwaqweni omkhulu okubabeka engcupheni yokuthi bashayiswe ngezinye izimoto ngesikhathi beqa beya emakhaya.
UNksz Phakamile Nxumalo obeyingxenye yalo mphakathi obuvale umgwaqo ngezingodo namathayi avuthayo, uthe ezinyangeni ezine kushone abantu abayisikhombisa beshayiswa izimoto beqeda kwehla ematekisini kule ndawo.
Ukuvalwa komgwaqo kulandela ukushona kukaNksz Zinhle Mtshali (28) ohlala kule ndawo okuthiwa ushayiswe imoto eqeda kwehla etekisini ngoLwesibili ntambama.
“Umgwaqo uyingozi, kumnyama, awakhelwe ukuthi kube nomuntu onqamulayo. Ngaphezu kwalokho kunamaphara asiphuca izimpahla zethu. Abashayeli bathi itekisi ingena ngaphakathi uma kunabagibeli abahlanu kuya phezulu,” kusho yena.
UNkk Nokuthula Masina uthe basazoya kumasipala bayocela ukuthi kulo mgwaqo kufakwe izinciphisajubane, kodwa bafuna ukuya kuwo sebenencwadi ephuma kuwo usoseshini, eshoyo ukuthi nawo uyasibona isidingo sokuthi kube nezinciphisajubane kule ndawo.
“Uma uwedwa ohlala kule ndawo etekisini kusho ukuthi kumele uphoqozwe yimoto. Ayikho into enjalo, uma abamatekisi bengakwazi ukusithatha njengamakhasimende ngeke badlule kule ndawo,” kusho yena.
Izimoto eziya esibhedlela Osindisweni nakwezinye izindawo zike zavaleleka ekuseni, umphakathi uthi akudluli lutho zingakafiki izikhulu zikasoseshini zizokhuluma nawo. Kuze kwaphoqeleka ukuthi amaphoyisa ayivule wona imigoqo ebibekwe umphakathi.
UMnuz Melusi Mathunjwa usihlalo kasoseshini uthe ngokwazi kwabo amatekisi ayabangenisa abagibeli ngaphakathi ngoba bavumelana nomphakathi ngalokho.
“Ngiyakweshwama ukuthi abashayeli bathi kunesibalo esithile esibekiwe, nabo abagibeli bebengakaze basibikele ukuthi bashiywa emgwaqweni. Sizoqinisa isandla kubashayeli abephula umthetho,” kusho yena.
UMnuz Hlanganani Mdunge umalume kamufi naye ongumnikazi wetekisi elingaphansi kwalo soseshini uthe ingozi edlule nomphefumulo womshana wakhe beyingagwemeka.
Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uCol Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa athunyelwe kule ndawo ekuseni ngemuva kokuthi umphakathi uvale umgwaqo.