Isolezwe

UDlungwane uhambele abomfundi obulewe

- MHLENGI SHANGASE

UNGQONGQOS­HE wezeMfundo KwaZuluNat­al, uMnuz Mthandeni Dlungwane, uthi uzwile ukuthi izinkinga zaseGobize­mbe High, KwaSwayima­ne, ziqhamuka ngaphandle bese zikapakela esikoleni.

UDlungwane ukusho lokhu ekhuluma nabafundi bakulesi sikole izolo ngesikhath­i esihambele ngemuva kokugwazwa komfundi washona ngoMsombul­uko elamulela umngani wakhe.

Uthe abafundi kumele bagxile ezifundwen­i zabo bayeke ezinye izinto ezingeke zibasize ngalutho. “Yekani izidakamiz­wa notshwala, ningazijah­i lezi zinto. Gxilani ezifundwen­i zenu niyeke izinto ezingeke zinisize ngalutho,” kusho uDlungwane izolo. U-Ayanda Chonco obefunda uGrade 9, kuthiwa ubezama ukulamulel­a umngani wakhe obehlaselw­a ngabanye abafundi wase egwazeka washona. UDlungwane uthe uyazwelana nabafundi ngokulahle­kelwa nguzakwabo. “Ngiyazi abanye benu bahlalele ukubheka uthisha bamsuse phezulu bamyise phansi. Othisha baphumelel­e kakhulu kunani yingakho kumele nichithe isikhathi esiningi nicabanga ngemfundo,” kusho uDlungwane.

Uthe amaphupho akhe ngukuthi eminyakeni emithathu abe engasekho la ekhona.

“Ngiphupha ukuthi ngibe sengikweny­e indawo ngihlonish­we ngemiseben­zi yami njengoba ngiqhamuka KwaNxamala­la emakhaya. Ngizonifis­ela okuhle konke ezivivinyw­eni zenu, nibhale kahle nizimisele. Kubaluleki­le ukuthi niphume esixukwini niphuphe ukuze niphumelel­e,” kusho uDlungwane.

Uthe unethemba lokuthi abeluleka ngezengqon­do bazobasiza abafundi abaphathek­e kabi ngokushona kukazakwab­o.

Ukubhalwa kwezivivin­yo kuqhubeka ngendlela kulesi sikole yize kube nalesi sigameko.

Lesi sikole asiqali ukuthi sibe sematheni njengoba nanyakenye kwabulawa umfundi, ababulali basanda kugwetshwa.

UDlungwane uvakashele umndeni kaChonco lapho edlulise khona amazwi endunduzo ngalesi sehlo.

Kuboshwe owesilisa mayelana naleli cala okulindele­ke ukuthi avele enkantolo maduze.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNGQONGQOS­HE wezeMfundo esifundazw­eni uMnuz Mthendeni Dlungwane ehambele umndeni womfundi waseGobize­mbe High ogwazwe elamulela umngani wakhe ngoMsombul­uko
Isithombe: SITHUNYELW­E UNGQONGQOS­HE wezeMfundo esifundazw­eni uMnuz Mthendeni Dlungwane ehambele umndeni womfundi waseGobize­mbe High ogwazwe elamulela umngani wakhe ngoMsombul­uko
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa