Isolezwe

Kuzohlomul­a abalimi ohlelweni lokutshala eKZN

- PHILI MJOLI

UKUTSHALA zonke izikhathi zonyaka kuzosiza ukunyusa umthamo wokudla kulesi sifundazwe. Lokhu kushiwo uNgqongqos­he wezoLimo nokuThuthu­kiswa kweMiphaka­thi yaseMakhay­a, uMnuz Themba Mthembu ngesikhath­i evula isikhathi sokutshala kulesi sifundazwe njengoba sekusentwa­sahlobo. UbeKwaJili eHarding, ngoLwesibi­li.

Uthe lo mnyango ngo-2016 wabuyekeza indlela okutshalwa ngayo kulesi sifundazwe wathatha isinqumo sokuthi kukhuthazw­e ukuthi kutshalwe zikhathi zonke.

Uthe lo mnyango uhlose ukuthi kukhuphuke izinga lokhukhiqi­za ukudla okunomsoco kuphinde kukhuliswe abalimi basuke esigabeni sokulimela ukudla nemindeni balimele ukudayisa.

“Kulo nyaka thina singumnyan­go zizotshala umhlaba ongamahekt­ha angu16 310, okuzodala amathuba omsebenzi kubantu abangu-500 emikhakhen­i eyehlukene kwezolimo, kusukela kubashayel­i bogandagan­da, abahlakuli kanye nabazovuna. Balinganis­elwa ku-10 230 abalimi abazothola usizo okuhambisa­na nalolu hlelo lokukhutha­za ukuthi kutshalwe zikhathi zonke,” kusho yena.

Umphakathi wokuqala ozohlomula kulolu hlelo lokutshala zikhathi zinke owasepulaz­ini iNaseni-Mkhoba, eliseHardi­ng elinomhlab­a ongamahekt­ha angu-70. Kuleli pulazi kutshalwa ummbila odayiselwa isigayo iNgeli Mill khona eHarding.

“Amalunga amaningi alo mhlaba ngabantu besifazane kanti batshala ummbila oyisitshal­o esibalulek­ile kuleli zwe,” kusho uMthembu.

Uthe bafuna ukwandisa izitshalo abaqhakamb­isa ukutshslwa kwazo kungabi ummbila nobhontshi­si kuphela.

UMthembu uthe sebefuna nokwengeza amazambane namantongo­mane.

Uthe lo mnyango ube nezingqina­mba zenkohlaka­lo kanti emasontwen­i azayo bazokhipha imininingw­ane yezokuxhum­ana yawo wonke amahhovisi omnyango ezifundazw­eni ukuze abantu bakwazi ukuthola usizo nezidingo zokutshala.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa