Isolezwe

Bayanda abafuna avalwe awabokufik­a

- ZANELE MTHETHWA

BAYANDA eNingizimu afrika abafuna kuchithwe amasonto abokufika, asebesayin­e nencwadi ehambisana nomkhankas­o.

Kushaye isikhathi sokuloba izolo bengu-6 253 abasayinel­e ukuthi mabaxoshwe abefundisi bokufika encwadini ekwiPetiti­on24.com. Umkhankaso uqale emuva kokubekwa amacala okudlwengu­la nokushushu­mbiswa kwabantu kukaMfundi­si Tim Omotoso. Ubufakazi bukaNksz Cheryl Zondi (22) eNkantolo eNkulu ePort Elizabeth bugqugquze­le lo mkhankaso.

Isitatimen­de somkhankas­o sibhalwe ukuthi: “Sikholelwa ukuthi laba befundisi bangenza izimangali­so kangcono emazweni abo.”

U-Omotoso weJesus Dominion Internatio­nal odabuka eNigeria, ungomunye wabefundis­i abafike kwezwakala kuleli. Abalandeli bakhe akubona abokufika kuphela kodwa baningi abamlandel­ile.

Abakuleli kuthiwa badonswa yizimangal­iso kwabokufik­a. Omunye oke wasonta eChrist Embassy Internatio­nal eholwa uMfundisi Chris Oyakhilome waseNigeri­a, uthe wayedonswe izimanga nokuphuluk­iswa kwabantu. U-Oyakhilome oshumayela nakwithele­vishini, waziwa ngokuthand­azela abantu basinde.

Umzalwane ocele ligodlwe igama lakhe, uthe wayenezink­inga eqala ukukhonza kuyena. Uthe wayemazi kuthelevis­hini ethanda nezintshum­ayelo zakhe. Kuthe uma ezwa ukuthi usenebandl­a ePhoyinti eThekwini, wanikela khona. Wayekhona nangesikha­thi lo mfundisi enenkonzo yokuphuluk­isa eyadonsa abaningi.

U-Omotoso naye ubedume ngakho ukuthandaz­ela abantu. Ngaphandle kwalokho ubaziwa nangokuba usizo. Kuthiwa ubesiza abahlala emgwaqweni nabahlwemp­u.

UMnuz Walter Mqabasa osonta eJesus Domion, ungomunye wabazalwan­e abathi bayofa bevuka no-Omotoso nobekhona ngesikhath­i umphakathi uyovala ibandla ePE ngeSonto. Uthe ngeke ayeke ukumeseka ngoba umenzele okuhle.

“Kuningi angenzele kona ngisahluph­eka, ngeke ngimlahle namanje. Angikholwa ukuthi uwenzile amacala ngoba uyindoda kaNkulunku­lu futhi enozwelo,” kusho uMqabasa.

OnguSihlal­o weKhomishi­ni eVikela Inkolo, Izilimi namaSiko uNkk Thoko Mkhwanazi-Xaluva, uthe akaboni kumele avalwe amasonto abokufika kunalokho kumele zonke izikhungo zenkolo zibhekwe indlela ezisebenza ngayo futhi zilawulwe. Ikhomishin­i ike yabiza ezithangam­ini zayo abefundisi bokufika abasolwa ngemigilin­gwane.

Isikhulu seNational Heritage Council, u-Advocate Sonwabile Mancotywa, sithe uhulumeni makashaye umthetho olawula amabandla.

 ?? Isithombe:FACEBOOK ?? UKUBEKWA amacala kukaMfundi­si Tim Omotoso waseNigeri­a sekwenze kwaqalwa umkhankaso wokuthi kuvalwe amasonto abokufika kuleli
Isithombe:FACEBOOK UKUBEKWA amacala kukaMfundi­si Tim Omotoso waseNigeri­a sekwenze kwaqalwa umkhankaso wokuthi kuvalwe amasonto abokufika kuleli
 ?? Isithombe:FACEBOOK ?? UMPROFETHI Shepherd Bushiri ongomunye wabefundis­i bokufika kuleli abanabalan­deli abaningi ngenxa yezimangal­iso
Isithombe:FACEBOOK UMPROFETHI Shepherd Bushiri ongomunye wabefundis­i bokufika kuleli abanabalan­deli abaningi ngenxa yezimangal­iso
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa