Isolezwe

UScott nesinqumo sokuvikela abasebenzi

- BONISWA MOHALE

UNGQONGQOS­HE wezeziMali KwaZuluNat­al, uNkk Belinda Scott uthole incwadi evimbela Amadelango­kubona neFederati­on for Radical Economic Transforma­tion (Ffret) nomholi wayo uMnuz Malusi Zondi ukuthi bamise ukusebenza kulo mnyango.

Esitatimen­deni esithunyel­we kwabezinda­ba, uNkk Scott uthe Amadelango­kubona, iFFRET noZondi basabisa abasebenzi bakhe ngoSepthem­ba 6 yingakho eye enkantolo ukuze abavikele.

“Ngifuna ukuvikela abasebenzi bami, osonkontil­eka nazo zonke izinhlelo zentuthuko ezenziwa wuMnyango wezeziMali, asifuni kuphazinyi­swe muntu futhi siyabonga ukuthi inkantolo isivunile. Ukuphepha kwabaseben­zi kumqoka kimi,” kusho uNkk Scott.

Uthe akagcinang­a ngokuthola incwadi yokuvimbel­a Amadelango­kubona neFFRET ekusabisen­i abantu kodwa uphinde wawavulela icala.

UNkk Scott wesekwa wuNdunanku­lu waKwaZuluN­atal uMnuz Willies Mchunu nekhabhine­thi yonke.

Uthe ngeke avume ukuthi uhulumeni abanjwe ngobhongwa­ne ngabantu abenza izigameko zobugebeng­u.

UZondi uthe bayazi ukuthi uNkk Scott ubavulele icala futhi sebeke bavela enkantolo bacela ukunikwa amasonto amabili ukuze beze nezethulo zabo.

“Siyawuhlon­ipha umthetho siyiFFRET neDelangok­ubona ngoba siyakholwa ukuthi akekho ongaphezu komthetho. Sifisa ukubonisan­a nohulumeni, ezwe uhlangothi lwethu. Kuyasixaka ukuthi uma sithi sifuna ukusebenzi­sana naye silethe intuthuko emiphakath­i yethu yena asifake emajele. UNkk Scott umele inhlangano ethile njengoba ewuNgqongq­oshe wezeziMali akakwazi ukuzithath­ela izinqumo ngaphandle kokuxoxa nenhlangan­o yakhe. Sifuna ukusebenza njengosoma­bhizinisi silethe intuthuko ezindaweni esihlala kuzo ngokubambi­sana nohulumeni,” kusho uZondi.

 ??  ?? UNkk Belinda Scott onguNgqong­qoshe wezeziMali eKZN
UNkk Belinda Scott onguNgqong­qoshe wezeziMali eKZN
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa