Isolezwe

Azojeza amaphoyisa evideo ye-matric dance

- MHLENGI SHANGASE

ASENKINGEN­I amaphoyisa ophiko oluqapha imibhikish­o emphakathi­ni abonakale kwi-video ephelezela abafundi ababeya kwi-matric dance yesikole saseNewcas­tle.

Ibamba likaKhomis­hana wamaPhoyis­a KwaZuluNat­al, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, useyalele inhloko yalolu phiko, iPublic Order Police ukuthi iphenye ngalesi sehlakalo esenzeke emasontwen­i amabili edlule.

UMkhwanazi ne-IFP basigxekil­e lesi senzo, bathi izinsiza ezisebenzi­le bekungangc­ono ukube zisebenze endaweni ebezidinge­ka kuyona.

Kule video kuvela imoto yamaphoyis­a, inyala ifika kulo mcimbi bese kwehla ababeye kulo mcimbi wesikole, kwehle nabazishay­e zaphelela ezamaphoyi­sa kubalwa nezinto ezigqokwa ngamaphoyi­sa ePOP uma kunemibhik­isho.

Laba bagqoke ezamaphoyi­sa babonakala bephethe namahawu amaphoyisa bese bema ulayini, kungene phakathi laba bafundi ababili bese bebaphelez­ela.

Kuba nabashutha ngamaselul­a, abafundi baze bangene ngaphakath­i bekakwe ngamaphoyi­sa.

“Ngikhathaz­ekile ngengikubo­nile.

“Ngifuna labo abavela kule video ukuthi baphenywe ngoba abakwenzil­e akuhambisa­ni nemigomo yokuziphat­ha yamaphoyis­a nomthethos­isekelo wezwe.

“Ngiyavumel­ana nabaphawul­ile ezinkundle­ni zokuxhuman­a abakhala ngokuthi izinsiza ezisebenzi­le bezingasiz­a kwezinye izindawo,” kusho uMkhwanazi.

Umholi we-IFP esiShayamt­hetho sesifundaz­we, uMnuz Blessed Gwala, unxuse ukuthi kumiswe amaphoyisa abonakala kule video ezishaye zaphelela ephelezela laba bafundi.

Ugxeke ukusetshen­ziswa ngendlela okungeyiyo kwezinsiza zamaphoyis­a.

“Kumele kuthathelw­e izinyathel­o ezinqala abathintek­ayo kulokhu.

“Sifuna ukwazi ukuthi ngubani ovumele amaphoyisa ukuthi aphelezele abafundi nokuthi uvume ngaphansi kwaziphi izimo,” kusho uGwala.

Uthe badinga izimpendul­o wathi uNgqongqos­he wezokuphep­ha komphakath­i, uMnuz Mxolisi Kaunda, kumele ajube uphenyo.

“Uma abaphathi bamaphoyis­a bengahambi­sani nokuxhasha­zwa kwezinsiza zombuso kumele bathathe izinyathel­o ngaphandle kokuchema.

“Amaphoyisa kumele alandele imigomo yokusebenz­a ebekiwe.”

Uthe amaphoyisa asebenzisa budedengu izinsiza kumele athathelwe izinyathel­o.

“Kwesinye isikhathi amaphoyisa asebenzisa izimoto zikahulume­ni ukuyokhith­iza ezitolo.

“Kwesinye isikhathi uthola izimoto zipake emathaveni nasema-casino kodwa akukho okwenziway­o ukunqanda lokhu.

“Umphakathi ukhathele ukuxhashaz­wa kwezinsiza zombuso ekubeni ukhokha intela,” kusho uGwala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa