Isolezwe

Okwenzeka oKhozini kuqubula imibuzo eminingi

-

IZIGEMEGEM­E ezenzeka oKhozini zenza umuntu afikelwe imibuzo eminingi ngendlela lesi sikhondlak­hondla somsakazo esiphethwe ngayo. Okwenzeka khona kukwenza ubambe ongezansi, ushaye amakhala ngamava abantu abasipheth­e.

Ungaze uphike ukuthi yiwo lo msakazo owakhiqiza izingwazi okubalwa kuzo uCyril Bongani “Kansas City” Mchunu, Welcome “Bhodloza” Nzimande, Koos Radebe, Ephraim Ronnie Masilela, ukubala abambalwa. Ukumiswa nokuxoshwa kwabasakaz­i abanjengoN­gizwe Mchunu noLinda Sibiya yinto yakamuva. Udaba lukaLinda nolukaNgiz­we luyahlekis­a indlela oluphathwe ngayo ngoba namanje akukaziwa ukuthi uNgizwe uxoshelwen­i. OlukaLinda selwaphela njengoba lahoxiswa necala ayebekwe lona yi-Edcon.

Muva nje kuke kwaxabana abaphathi kwaze kwaba khona abagadwa yizinkabi. Ukungezwan­i kwabaphath­i kuholele ekutheni kube nabasakazi abathelwa ngamachaph­ezelo, kwaphoqele­ka ukuba bacheme nezinhlang­othi ezithize. Kuyavela ukuthi abanye babo sebephendu­ke izimvu zemihlatsh­elo ngoba bengahambi­sani nohlangoth­i oluthize lwabaphath­i. Kusenjalo kwavumbuka udaba lukaMdonso Ngcobo osule wabuye wabuyiselw­a. Namanje asikazi ukuthi uphenyo lwahamba kanjani njengoba ayekhala ngokusatsh­iswa. Sisalinde umphumela wophenyo kwavela olokumiswa kukaNgizwe, uSandile Mdlalose noBeekay Mchunu.

UKhozi aluzimele kodwa lungaphans­i kukaSABC, okuyisikho­ndlakhondl­a senkampani esinenqwab­a yeziteshi. Kungani iziphathim­andla zakwaSABC zilokhu zibamba ziyeka ngodaba loKhozi ngoba kuyacaca ukuthi kukhona okungahamb­i kahle ezikhulwin­i zalo? Kuzoze kube nini zibizelwa ukuxosha abasakazi ekubeni inkinga isekhanda? Yini iSABC ingavele iqashe umphathisi­teshi ozophatha ngokugcwel­e kunalokhu kufudunyez­wa kwesihlalo? Kuqale kwabanjisw­a uZandile Tembe kwabuye kwashaywa ungqimphot­hwe njengoba sekubambe uSbongi Ngcobo. Izinqumo zakhe sezihlale zikhalisa kakhulu abalaleli abathembek­ile kulo msakazo. Ngiyasola ukuthi nakuSABC konakele kakhulu, kuphethe abangenawo amava.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa