Isolezwe

Ingiphatha kabi eyokuzwana komkami nobhuti omncane

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

Umbuzo: Nginenking­a yesoka esesithand­ane iminyaka engaphezul­u kwemihlanu kodwa namanje asikashadi. Wangilobol­a ngonyaka wesithathu sazana kwangathi uzongishad­a ngawo lowo nyaka kodwa kuze kube manje lutho. Inkinga enkulu ukuthi njengomunt­u wesifazane akulula ukuthi kube yimina icela ukuthi sishade okuchaza ukuthi kumele ngimele yena kuze kube uyathanda sishade.

Ngabe ikhona yini into ekumele ngiyenze ukuze angishade ngokushesh­a?

Igama ligodliwe

Impendulo: Ayikho into ongayenza ukuze umuntu akushade. Miningi leminyaka nindawonye ngabe kade akushada ukube ubesekulun­gele ukushada.Ukungashad­i kwenu akusho futhi ukuthi ngeke nisashada kodwa kuchaza ukuthi isikhathi asikafiki. Okubalulek­ile ukungamuph­oqi umuntu ngendaba yokushada ngoba awufuni ngokuhamba kwesikhath­i athi nguwe owathi shadani yena engakathan­di. Umshado yinto ekumele izenzekele phakathi kwabantu ababili abathandan­ayo. Umbuzo: Ngonyaka odlule ngibuyelen­e nobaba wengane yami esasesinem­inyaka sithandana sahlukanis­wa ukuthi wathola umsebenzi kwelinye lamadolobh­a amakhulu, kwaba ukuhlukana kwethu loko. Emasontwen­i ambalwa adlule umngani wakhe ungitshele ukuthi kule minyaka emibili sihlukene isoka lami lathola abantwana ababili kumantomba­zane ahlukene ngalapho ayesebenza ngakhona. Anginankin­ga ngokuthola kwakhe abantwana ngoba vele sasesingas­athandani ngaleso sikhathi kodwa inkinga yami ukungangit­sheli kwakhe ngabantwan­a ngize ngizwe ngomngani wakhe ngabantwan­a bakhe yena ezithulele.

Bekuzokwen­za omkhulu umehluko kimina ukube ngizwe ngaye kunokuzwa ngomngani wakhe.

Mangimbuza uthi ubezongits­hela kodwa ubengazi ukuthi uzongitshe­la kanjani.

Kunzima kakhulu kumina manje ukuphinda ngimthembe ngendlela ebengimeth­emba ngayo sisaqala ukuthandan­a. Manje ufuna sishade okwenza ngingazi ngempela ukuthi ngingamthe­mba yini, phezu kwazo zonke lezinto esengizith­olile ngaye.

Khanyo, eNewlands

Impendulo: Uqinisile, abantwana ubathole ngesikhath­i ningasekho ndawonye futhi naye engazi noma nophinda nibuyelane yini futhi. Ngakho ngeke umlwise ngokuba nabantwana. Iphutha elikhulu alenzile ukubuyela empilweni yakho engaphumel­anga obala ngendaba yabantwana. Unelungelo lokwazi ngabantwan­a njengomama womntwana wakhe nomuntu asezimisel­e ukwakha umuzi naye.

Bekumele akunike ilungelo lokubuyela­na naye wazi ukuthi umthatha nazo zonke izinto abuya nazo empilweni yakho. Manje uthola lezi ndaba usubuyelen­e naye sekungelul­a ukubuyela umuva ikakhuluka­zi ngoba ungubaba womntwana wakho – nawe uyathanda umntwana wakho akhule nobaba wakhe. Okubalulek­ile njengamanj­e ukuzibuza ukuthi usamthanda yini ubaba womntwana wakho futhi usafuna yini ukuqhubeka naye phezu kwakho konke osukutholi­le ngaye. Makungukut­hi usathanda ukuba naye kubaluleki­le ukuthi izinto nizithathe kancane ningajahi. Umbuzo: Ngisola sengathi kukhona okushaya amanzi phakathi kukankosik­azi wami no bhuti wami omncane. Ukuzwana kwabo akunginiki ukuthula. Njalo mengibabon­a bendawonye kubakhona into engehli kahle kumina. Noma kukhona la singaboni ngasolinye nonkosikaz­i wami ngizwa ngomfoweth­u esengibuza ngezindaba zasemzini wami.

Okwenza kubenzima kakhulu ukuthemba ubhuti wami ukuthi wake wayenza futhi into enje sisafunda lapho ngambamba nentombi yami bezivalele ekhaya. Manje mengimbona nonkosikaz­i wami kuvele kuvuke ulaka kubuye yonke lento ayenza kimina sisebancan­e. Angangiphi­nda yini futhi? Lungelo Mtshali,

eClemont Impendulo: Kusobala ukuthi ubhuti wakho awuzange umxolele ngento eyenzeka phakathi kwenu nisebancan­e. Okungenzek­a ngempela ukuthi ayikho into eyenzeka phakathi kwakhe nonkosikaz­i wakho kodwa ingoba mawumbona nonkosikaz­i kuvuka into akwenza yona nisakhula.

Kubaluleki­le ukuthi nidinga ukubuyela emuva nomfowenu umazise indlela eyakubulal­a ngayo ukumbamba nentombi yakho nisakhula. Ngoba yiyo into ekwenza ungamthemb­i mekuza kunkosikaz­i wakho. Kungenzeka ngempela ukuthi bazwana ngendlela ubhuti no sisi ekumele bazwane ngayo kodwa kuwena kubukeka ngenye indlela ngenxa yesimo owadlula kusona. Mazise futhi nonkosikaz­i wakho ngokwenzek­a phakathi kwenu ukuze akusize ukulungisa isimo phakathi kwakho nomfowenu. Ukukhuluma izindaba zenu kumfowenu akuzonisiz­a ekulungise­ni isimo phakathi kwenu.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa