Ingiphatha kabi eyokuzwana komkami nobhuti omncane
EZOTHANDO
Umbuzo: Nginenkinga yesoka esesithandane iminyaka engaphezulu kwemihlanu kodwa namanje asikashadi. Wangilobola ngonyaka wesithathu sazana kwangathi uzongishada ngawo lowo nyaka kodwa kuze kube manje lutho. Inkinga enkulu ukuthi njengomuntu wesifazane akulula ukuthi kube yimina icela ukuthi sishade okuchaza ukuthi kumele ngimele yena kuze kube uyathanda sishade.
Ngabe ikhona yini into ekumele ngiyenze ukuze angishade ngokushesha?
Igama ligodliwe
Impendulo: Ayikho into ongayenza ukuze umuntu akushade. Miningi leminyaka nindawonye ngabe kade akushada ukube ubesekulungele ukushada.Ukungashadi kwenu akusho futhi ukuthi ngeke nisashada kodwa kuchaza ukuthi isikhathi asikafiki. Okubalulekile ukungamuphoqi umuntu ngendaba yokushada ngoba awufuni ngokuhamba kwesikhathi athi nguwe owathi shadani yena engakathandi. Umshado yinto ekumele izenzekele phakathi kwabantu ababili abathandanayo. Umbuzo: Ngonyaka odlule ngibuyelene nobaba wengane yami esasesineminyaka sithandana sahlukaniswa ukuthi wathola umsebenzi kwelinye lamadolobha amakhulu, kwaba ukuhlukana kwethu loko. Emasontweni ambalwa adlule umngani wakhe ungitshele ukuthi kule minyaka emibili sihlukene isoka lami lathola abantwana ababili kumantombazane ahlukene ngalapho ayesebenza ngakhona. Anginankinga ngokuthola kwakhe abantwana ngoba vele sasesingasathandani ngaleso sikhathi kodwa inkinga yami ukungangitsheli kwakhe ngabantwana ngize ngizwe ngomngani wakhe ngabantwana bakhe yena ezithulele.
Bekuzokwenza omkhulu umehluko kimina ukube ngizwe ngaye kunokuzwa ngomngani wakhe.
Mangimbuza uthi ubezongitshela kodwa ubengazi ukuthi uzongitshela kanjani.
Kunzima kakhulu kumina manje ukuphinda ngimthembe ngendlela ebengimethemba ngayo sisaqala ukuthandana. Manje ufuna sishade okwenza ngingazi ngempela ukuthi ngingamthemba yini, phezu kwazo zonke lezinto esengizitholile ngaye.
Khanyo, eNewlands
Impendulo: Uqinisile, abantwana ubathole ngesikhathi ningasekho ndawonye futhi naye engazi noma nophinda nibuyelane yini futhi. Ngakho ngeke umlwise ngokuba nabantwana. Iphutha elikhulu alenzile ukubuyela empilweni yakho engaphumelanga obala ngendaba yabantwana. Unelungelo lokwazi ngabantwana njengomama womntwana wakhe nomuntu asezimisele ukwakha umuzi naye.
Bekumele akunike ilungelo lokubuyelana naye wazi ukuthi umthatha nazo zonke izinto abuya nazo empilweni yakho. Manje uthola lezi ndaba usubuyelene naye sekungelula ukubuyela umuva ikakhulukazi ngoba ungubaba womntwana wakho – nawe uyathanda umntwana wakho akhule nobaba wakhe. Okubalulekile njengamanje ukuzibuza ukuthi usamthanda yini ubaba womntwana wakho futhi usafuna yini ukuqhubeka naye phezu kwakho konke osukutholile ngaye. Makungukuthi usathanda ukuba naye kubalulekile ukuthi izinto nizithathe kancane ningajahi. Umbuzo: Ngisola sengathi kukhona okushaya amanzi phakathi kukankosikazi wami no bhuti wami omncane. Ukuzwana kwabo akunginiki ukuthula. Njalo mengibabona bendawonye kubakhona into engehli kahle kumina. Noma kukhona la singaboni ngasolinye nonkosikazi wami ngizwa ngomfowethu esengibuza ngezindaba zasemzini wami.
Okwenza kubenzima kakhulu ukuthemba ubhuti wami ukuthi wake wayenza futhi into enje sisafunda lapho ngambamba nentombi yami bezivalele ekhaya. Manje mengimbona nonkosikazi wami kuvele kuvuke ulaka kubuye yonke lento ayenza kimina sisebancane. Angangiphinda yini futhi? Lungelo Mtshali,
eClemont Impendulo: Kusobala ukuthi ubhuti wakho awuzange umxolele ngento eyenzeka phakathi kwenu nisebancane. Okungenzeka ngempela ukuthi ayikho into eyenzeka phakathi kwakhe nonkosikazi wakho kodwa ingoba mawumbona nonkosikazi kuvuka into akwenza yona nisakhula.
Kubalulekile ukuthi nidinga ukubuyela emuva nomfowenu umazise indlela eyakubulala ngayo ukumbamba nentombi yakho nisakhula. Ngoba yiyo into ekwenza ungamthembi mekuza kunkosikazi wakho. Kungenzeka ngempela ukuthi bazwana ngendlela ubhuti no sisi ekumele bazwane ngayo kodwa kuwena kubukeka ngenye indlela ngenxa yesimo owadlula kusona. Mazise futhi nonkosikazi wakho ngokwenzeka phakathi kwenu ukuze akusize ukulungisa isimo phakathi kwakho nomfowenu. Ukukhuluma izindaba zenu kumfowenu akuzonisiza ekulungiseni isimo phakathi kwenu.