Isolezwe

Noma kunjani soze ngiqashe uDauberman­n

-

MHLELI: Ngisho kuthiwa umuntu wakithi uboshelwe ukuchama emgwaqweni ngeke ngimthathe­le lo mmeli onguPeter Daubermann.

Intokazi yakoGagash­e yamkhipha umoya waphelelwa ushatini yize ayenza yonke imizamo yokuyihlut­hula inhliziyo ukuze icikeke igcine ingasayiph­enduli imibuzo yakhe.

Uthe uma ebona ukuthi ingane kaNondaba inzima wajikela eJajini ethi malehle esihlalwen­i sokusingat­ha leli cala.

Uthi uyagadla kanti izinduku zakhe zomile zavele zephuka kwazise ubegadla kumuntu osemkhakhe­ni onjengowak­he.

Ngingamnco­ma ngento eyodwa umfo kaDauberma­nn, usesisikil­e isihlangu azovika ngaso ku-Omotoso uma kwenzeka elahlwa ngisho elilodwa lalolu hide lwamacala abhekene nawo.

Ijaji uma limkhalima ebuza umbuzo oyimfeketh­o wokuthi isitho sangasese sikammanga­lelwa sangena kangakanan­i kwesikamma­ngali uyatetema ukhala ngokuthi ijaji lichema nommangali.

Ngicabanga ukuthi ummeli ohloniphek­ile uyazi ukuthi njengoba ingane kaNondaba yayineminy­aka eyishumi nane kwenzeka lesi sisgameko, ngokomthet­ho waseNingiz­imu Afrika, yayingakaf­iki esigabeni sokuqonda ngocansi, ngakho-ke umthetho uyithatha njengengan­e.

Ngiyahlule­ka ukuqonda inhlosongq­angi yemibuzo yommeli. Angiqondi noma ummangalel­wa uthi walala nommangali bevumelene noma uthi akazange alale nhlobo naye ummangali.

Ephuzwini lokuthi ijaji lifisele ummangali inhlanhla njengoba ebeyobhala angiqondi ukuthi yini eyinkinga lapho.

Ummangali ubeyobhala izivivinyo ezingahlan­gene nobufakazi abethula enkantolo.

Abameli abahloniph­ekile nabahluzek­ile abawaziyo umsebenzi wabo bayabafise­la ofakazi inhlanhla ekubhaleni kwabo izivivinyo uma icala lihlehla ngoba ufakazi eyobhala.

Yingakho ngibona sengathi le nsizwa yakoDauber­mann beyimane izisikela isihlangu nje ngalesi sicelo esifakile futhi ngikholwa ukuthi beyazi kahle kamhlophe ukuthi ijaji lizosichit­ha.

Mayelana nokungafik­i kwabamanga­lelwa enkantolo ngenxa yokuthi bayasatshi­swa akusho ukuthi icala sekumele lingaqhube­ki ngaleso sizathu.

Ngikholwa ukuthi ummeli ubanikile iseluleko sokuthi bayovula icala lokusatshi­swa emaphoyise­ni ukuze kuqalwe uphenyo. Uma bebona ukuthi abaphephil­e acele kuhoxiswe ibheyili yabo bagqunywe ezitokisin­i kuze kuphele icala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa