Intuthuko esezingeni le-Europe isifikile kuleli
UZOZITSHELA ukuthi use-Italy kanti uKwaZuluNatal uma sekuphothulwe izinhlelo zentuthuko yaseMhlanga ethulwe ngokusemthethweni kule nyanga.
Le ntuthuko iyingxenye yoMhlanga Arch, yenziwa ngokuhlanganyela neRembrothers Group.
UMnuz Renzo Scribante weRembrothers Group, uthe kuyaqala ukuthi KwaZuluNatal kube nentuthuko ecishe ifane neyase-Europe ngoba kule ntuthuko yabo ngeke kube nezitolo ezijwayelekile kodwa kuzoba nezitolo zomacaphunakusale, abale kuzo iMark Gold eyenza ubucwebe obuthengwa yizigwili.
“Sifuna abantu abahlala lapha nosomabhizinisi abazosebenza kule ndawo bazizwe sengathi bakhethekile. Kuzoba namahhovisi amahle, izitolo ezisezingeni nemizi eyenza umuntu ahlale ejabulile nayo ezoba sezingeni eliphezulu,” kusho uScribante.
Uthe le ntuthuko izodla uR1.3 billion, umsebenzi osuwenziwe uku-40% njengamanje.
Isidale amathuba omsebenzi angaphezu kuka-600. Kuzothi uma isiphothuliwe idale awu400.
Kuvele ukuthi yonke imizi eseMhlanga Arch isidayisiwe, kuzophinde kube nehhotela iHilton Garden Inn okuzoba ngokokuqala liba seNingizimu Afrika. Inkampani yezimoto iSMG Umhlanga nayo itholakala kule ndawo.
UMnuz Terry Rosenberg, onguSihlalo weMultiply Group ephethe Umhlanga Arch uthe babonga iTongaat Hulett ngokudedela umhlaba obunezimoba phambilini, ukuze kube nale ntuthuko egudla ulwandle.
Uthe basebenzisana nale nkampani ukuqinisekisa ukuthi umphakathi uyahlomula kule ntuthuko.
“Sifuna ukushintsha indlela iTheku elibukeka ngayo. Sifuna abantu babone kahle ukuthi siyakwazi ukwenza izakhiwo ezisezingeni futhi ezinhle njengezase-Europe. Sifuna bangagcini ngokuvakasha KwaZulu-Natal kodwa bahlale khona futhi benze nebhizinisi. Silindele ukuthi abantu baqale ukuhlala eMhlanga Arch ngasekupheleni konyaka ozayo,” kusho uRosenberg.