I-Pick n Pay nohlelo lwabathengi
PHEZU kokuba umnotho waseNingizimu Afrika untenga, iPick n Pay yenze inzuzo kaR136.1 million okusho ukuthi inyuke ngo7.3% uma kuqhathaniswa nonyaka odlule wezimali.
Lezi zindaba zivele ngoLwesibili ngesikhathi isikhulu esiphezulu sale nkampani, uMnuz Richard Brasher sithula umbiko wezimali.
Uthe inzuzo yabo inyuswe wukuthi izitolo zika zakwabo waseZambia ezibizwa ngeTM Supermarkets zenza kahle njengoba zenze inzuzo ka-30.4%.
UBrasher uveze ukuthi bavule izitolo ezintsha eziwu-60 zakwaPick n Pay noBoxer. Uthe abathengi basePick n Pay bayahlomula kakhulu ngoba njalo uma besebenzisa uR200 bathola uR1 kuma-smart shopper points abo.
Uveze ukuthi lama smart shopper points sebezokwazi ukuwasebenzisa noma bethenga uphethroli emagaraji akwaBP noma bethenga ukudla ezitolo zakwaPick n Pay ngaphandle kokuyowashintsha kumaSmart Shopper Kiosk.
“Kunzima ukuqhuba ibhizinisi eNingizimu Afrika kodwa phezu kwalokho isipiliyoni sethu seminyaka ewu-50 senza ukuthi siphume nenzuzo.Siye saqinisekisa ukuthi sinciphisa izikweletu ukuze sikwazi ukungenisa imali,” kusho uBracher.
Uveze ukuthi kule minyaka emihlanu edlule iPick n Pay itshale uR5 billion ivula izitolo ezintsha ilungisa nezindala, lokhu kudale amathuba omsebenzi awu-14 000.
Kulo nyaka uthe bazotshala uR1.7 billion badale amathuba omsebenzi awu-4 000.
USihlalo wakwaPick n Pay uMnuz Gareth Ackerman uveze ukuthi uma kuholwa izibonelelo zikahulumeni buyanda ubugebengu futhi lolu daba sebelubikile kuhulumeni.
“Lolu daba luyasetshenzwa wuhulumeni neConsumer Goods Council futhi siyathemba kuzotholakala isixazululo maduze,” kusho u-Ackerman.
Uthe uyajabula ukuba wuSihlalo wakwaPick n Pay futhi uzoqhubeka nokuletha imikhiqizo ethuthukisa impilo yabantu.
Emasontweni amabili iPick n Pay ibigubha iminyaka ewu-50 ihweba kwiJohannesburg Stock Exchange.