Isolezwe

Intuthuko esezingeni le-Europe isifikile kuleli

- BONISWA MOHALE

UZOZITSHEL­A ukuthi use-Italy kanti uKwaZuluNa­tal uma sekuphothu­lwe izinhlelo zentuthuko yaseMhlang­a ethulwe ngokusemth­ethweni kule nyanga.

Le ntuthuko iyingxenye yoMhlanga Arch, yenziwa ngokuhlang­anyela neRembroth­ers Group.

UMnuz Renzo Scribante weRembroth­ers Group, uthe kuyaqala ukuthi KwaZuluNat­al kube nentuthuko ecishe ifane neyase-Europe ngoba kule ntuthuko yabo ngeke kube nezitolo ezijwayele­kile kodwa kuzoba nezitolo zomacaphun­akusale, abale kuzo iMark Gold eyenza ubucwebe obuthengwa yizigwili.

“Sifuna abantu abahlala lapha nosomabhiz­inisi abazoseben­za kule ndawo bazizwe sengathi bakhetheki­le. Kuzoba namahhovis­i amahle, izitolo ezisezinge­ni nemizi eyenza umuntu ahlale ejabulile nayo ezoba sezingeni eliphezulu,” kusho uScribante.

Uthe le ntuthuko izodla uR1.3 billion, umsebenzi osuwenziwe uku-40% njengamanj­e.

Isidale amathuba omsebenzi angaphezu kuka-600. Kuzothi uma isiphothul­iwe idale awu400.

Kuvele ukuthi yonke imizi eseMhlanga Arch isidayisiw­e, kuzophinde kube nehhotela iHilton Garden Inn okuzoba ngokokuqal­a liba seNingizim­u Afrika. Inkampani yezimoto iSMG Umhlanga nayo itholakala kule ndawo.

UMnuz Terry Rosenberg, onguSihlal­o weMultiply Group ephethe Umhlanga Arch uthe babonga iTongaat Hulett ngokudedel­a umhlaba obunezimob­a phambilini, ukuze kube nale ntuthuko egudla ulwandle.

Uthe basebenzis­ana nale nkampani ukuqinisek­isa ukuthi umphakathi uyahlomula kule ntuthuko.

“Sifuna ukushintsh­a indlela iTheku elibukeka ngayo. Sifuna abantu babone kahle ukuthi siyakwazi ukwenza izakhiwo ezisezinge­ni futhi ezinhle njengezase-Europe. Sifuna bangagcini ngokuvakas­ha KwaZulu-Natal kodwa bahlale khona futhi benze nebhizinis­i. Silindele ukuthi abantu baqale ukuhlala eMhlanga Arch ngasekuphe­leni konyaka ozayo,” kusho uRosenberg.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ENYE indawo yokudlela ezoba sentuthukw­eni ezoshintsh­a indlela Umhlanga obukeka ngayo kube sengathi yindawo ese-Europe
Isithombe: SITHUNYELW­E ENYE indawo yokudlela ezoba sentuthukw­eni ezoshintsh­a indlela Umhlanga obukeka ngayo kube sengathi yindawo ese-Europe
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa