Isolezwe

I-Pick n Pay nohlelo lwabatheng­i

- BONISWA MOHALE

PHEZU kokuba umnotho waseNingiz­imu Afrika untenga, iPick n Pay yenze inzuzo kaR136.1 million okusho ukuthi inyuke ngo7.3% uma kuqhathani­swa nonyaka odlule wezimali.

Lezi zindaba zivele ngoLwesibi­li ngesikhath­i isikhulu esiphezulu sale nkampani, uMnuz Richard Brasher sithula umbiko wezimali.

Uthe inzuzo yabo inyuswe wukuthi izitolo zika zakwabo waseZambia ezibizwa ngeTM Supermarke­ts zenza kahle njengoba zenze inzuzo ka-30.4%.

UBrasher uveze ukuthi bavule izitolo ezintsha eziwu-60 zakwaPick n Pay noBoxer. Uthe abathengi basePick n Pay bayahlomul­a kakhulu ngoba njalo uma besebenzis­a uR200 bathola uR1 kuma-smart shopper points abo.

Uveze ukuthi lama smart shopper points sebezokwaz­i ukuwaseben­zisa noma bethenga uphethroli emagaraji akwaBP noma bethenga ukudla ezitolo zakwaPick n Pay ngaphandle kokuyowash­intsha kumaSmart Shopper Kiosk.

“Kunzima ukuqhuba ibhizinisi eNingizimu Afrika kodwa phezu kwalokho isipiliyon­i sethu seminyaka ewu-50 senza ukuthi siphume nenzuzo.Siye saqiniseki­sa ukuthi sinciphisa izikweletu ukuze sikwazi ukungenisa imali,” kusho uBracher.

Uveze ukuthi kule minyaka emihlanu edlule iPick n Pay itshale uR5 billion ivula izitolo ezintsha ilungisa nezindala, lokhu kudale amathuba omsebenzi awu-14 000.

Kulo nyaka uthe bazotshala uR1.7 billion badale amathuba omsebenzi awu-4 000.

USihlalo wakwaPick n Pay uMnuz Gareth Ackerman uveze ukuthi uma kuholwa izibonelel­o zikahulume­ni buyanda ubugebengu futhi lolu daba sebelubiki­le kuhulumeni.

“Lolu daba luyasetshe­nzwa wuhulumeni neConsumer Goods Council futhi siyathemba kuzotholak­ala isixazulul­o maduze,” kusho u-Ackerman.

Uthe uyajabula ukuba wuSihlalo wakwaPick n Pay futhi uzoqhubeka nokuletha imikhiqizo ethuthukis­a impilo yabantu.

Emasontwen­i amabili iPick n Pay ibigubha iminyaka ewu-50 ihweba kwiJohanne­sburg Stock Exchange.

 ??  ??
 ?? Isithombe:REUTERS/MIKE HUTCHINGS ?? IPICK n Pay izodala amathuba omsebenzi ngenxa yokunyuka kwenzuzo ezitolo zayo
Isithombe:REUTERS/MIKE HUTCHINGS IPICK n Pay izodala amathuba omsebenzi ngenxa yokunyuka kwenzuzo ezitolo zayo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa