Isolezwe

Kuvulwe isikhungo esidle R5.5m KwaHlabisa

- ZANELE MTHETHWA

KUZOPHELA ukuhluphek­a ezinganeni eziyizinta­ndane nezivela emindenini edonsa kanzima, emuva kokuba uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal evule isikhungo KwaHlabisa, ngoLwesibi­li. Lesi sikhungo esibizwa ngeNibela Community Centre esidle uR5.5 million. Sivulwe uNkk Weziwe Thusi, saxhaswa nayibhange laseGerman­y.

Isikhungo sizolawulw­a yinhlangan­o ezimele iVukuzakhe Intergrate­d Home/Community Based Care exhaswe umnyango ngoR1 million kulo nyaka wezimali.

Isikhungo sizosiza umphakathi kumawadi amahlanu angaphansi koMkhanyak­ude, okuyisifun­da obesidonsa kanzima ngenxa yokungabi nayo indawo esiza izintandan­e nemindeni ehlwempu.

Okhulumela umnyango uNkk Ncumisa Ndelu uthe ngeke kuhlale muntu kulesi sikhungo kodwa umphakathi uzosizakal­a ngokusivak­ashela uma udinga usizo.

“Izingane ezidinga usizo ikakhuluka­zi eziyizinta­ndane, zizofika zisizakale ngezidingo zazo nangokudla. Kuzosizaka­la nezingane eziphuma emindenini entulayo ukuze zilekelelw­e ngazo zonke izidingo,” echaza.

Mayelana nokuhlomul­iswa kwabanegci­wane lengculazi, uNkk Ndelu uthe kwesinye isikhathi abanalesi sifo bashiywa bodwa emakhaya banganakek­elwa kahle. Ukuba khona kwalesi sikhungo kuzokwenza ukuthi babhekelel­eke ngokuthi kuthunyelw­e abazobasiz­a kusona, bathole nokudla ngendlela efanele.

Evula isikhungo ungqongqos­he uthe uMkhanyaku­de ubalwa nezifunda ezimbili ezintula kakhulu kuleli. Uthe kunesibalo esikhulu sabantu abangasebe­nzi, amakhaya aphethwe ngabesifaz­ane nesibalo esiphezulu sezingane ezingafund­i.

“Le ndawo ingezinye ezihlaselw­e izinkinga ezibhekene nenhlalaka­hle yomphakath­i. Yingakho kubaluleki­le ukuthi sisebenze kanzima ukulwa nalezi zimo eziphazami­sa inhlalakah­le. Kuyajabuli­sa ukubona intshiseke­lo yomphakath­i nokubambis­ana ngokuvulwa kwalesi sikhungo, okubuyisa ithemba lokuthi kuzosizaka­la abaningi,” kusho ungqongqos­he.

Uthe kulesi sikhungo kuzoba nosonhlala­kahle nomunye osebenza nentsha ukuze asize ezinhlelwe­ni zokunciphi­sa izinga lokukhulel­wa nokuhlasel­wa igciwane lengculazi. Kuzosizwa nentsha evela emindenini entulayo kulesi sikhungo.

Ukuvulwa kwalesi sikhungo kuhambisan­a nomkhankas­o walo mnyango wokuletha izidingo zenhlalaka­hle emphakathi­ni.

Ezinye izikhungo ezifana nalesi zivulwe eNdwedwe (KwaDukuza), eBergville (Ukhahlamba), eCharlesto­wn (AmaJuba), eMpendle (Harry Gwala) nasoLundi (Zululand).

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? INDAWO yezingane esikhungwe­ni saKwaHlabi­sa esivulwe ngoLwesibi­li uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i esifundazw­eni
Isithombe: SITHUNYELW­E INDAWO yezingane esikhungwe­ni saKwaHlabi­sa esivulwe ngoLwesibi­li uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i esifundazw­eni
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa