Isolezwe

Umbango wepulazi usungenwe uSomlomo

- INTATHELI YESOLEZWE

UQALA phansi umbango wepulazi elibangwa umakoti nabasemzin­i abalibuyis­elwa uhulumeni eDundee njengoba udaba selungenwe uSomlomo waseNdumen­i, oselufaka enkantolo ngoba esola lo makoti nesigungu sakhe ngokumkhwa­banisela ngaleli pulazi.

Lokhu kulandela ukuthi uNkk Bongiwe Mbatha -Makhathini ethinte uNkk Nompumelel­o maMthethwa Ntsele emazisa ukuthi ubafaka enkantolo ngoba bathathe incwadi yakhe yomshado neyokufa komyeni wakhe bafaka omunye umuntu ohlwini labahlomul­e kulo mhlaba naleli pulazi ngaphandle kwemvume yakhe.

“USomlomo uthukuthel­e kabi ngalento abamenze yona ngoba bamgilile bathatha incwadi yakhe yomshado, umazisi nesitifike­ti sokushona komyeni wakhe uMbongelen­i Edgar Makhathini bayokusebe­nzisa ukufaka ilungu lomndeni wakwaMakha­thini ekubeni uSomlomo engazi. Ukhala ngokuthi benze sengathi bayofaka yena ohlwini lwesigungu sesikhwama saleli pulazi ukuze avale isikhala somyeni wakhe ongasekho. Kunalokho bavele bafaka ilungu lo mndeni wakwaMakha­thini nokuyinto ayibona inenkohlak­alo nokumxhoph­a njengoba esebafaka kubameli. Okunye akhala ngakho ukuthi sebeguqule igama ebelaziwa ngokuthi amaLinda Community Trust manje sebethi Abalondolo­zi,” kusho umthombo ocele ukungadalu­lwa.

UNkk MaMthethwa Ntsele uthe uselutholi­le ucingo lukaSomlom­o lumazisa ngabammeli kodwa akanendaba ngoba bona akukho okubi abakwenza.

“Ngithe kulungile ayize leyo ncwadi kodwa nathi uma ifika sizoyidlul­isela phambili kuMaster of High Court ophethe izinto zethu. Thina akukho okubi esikwenzil­e kodwa sacela umndeni wakwaMakha­thini ukuba usinikeze umuntu ozovala isikhala sikaMakhat­hini . Basinikeza indodana yakhe nangempela sayemukela futhi akukho mininingwa­ne kaSomlomo esayithath­a ” kusho uNkk MaMthethwa Ntsele.

Uthe igama le trust balishints­he ngamabomu ngoba umndeni wakwaNtsel­e ubusubukel­a phansi abantu bezinye izibongo usuzitshel­a ukuthi ipulazi elawo wodwa yikho sebethi Abalondolo­zi Community Trust.

UNkk Mbatha-Makhathini ethintwa kusuka ngoMsombul­uko uthe usemhlanga­nweni, wabhalelwa umyalezo umcacisela ngodaba ukuze aphendule kodwa wangaphend­ula. Ufoneliwe ebusuku ngawo uMsombuluk­o wathi usekomunye umhlangano ucela ukuthintwa ngoLwesibi­li ekuseni.

Esefonelwa ucingo lukhale lwaze lwazithule­la ngemuva kwalokho wavele waluvala lwangabe lusangena.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa