Isolezwe

Kufunwa umndeni womfana ongazazi

- NONTUTHUKO NGUBANE

AMAPHOYISA aseThekwin­i athungatha umndeni womfana okusolwa ukuthi uphazamise­kile ngokomqond­o okusolwa ukuthi uneminyaka engu-10 otholwe elahlekile edolobheni eThekwini.

Lo mfana ongazazi igama lakhe utholwe yimenenja erenki yamatekisi kuSoldiers Way, eThekwini ngo-18:30 ebusuku ngoMsombul­uko.

Imenenja yaserenki ithathe lo mfana yamhambisa esiteshini samaphoyis­a eDurban Central.

Ngokusho kokhulumel­a amaphoyisa esifundazw­eni, uColonel Thembeka Mbele bafuna usizo lomphakath­i ukuze bathole umndeni wale ngane okubukeka sengathi iphazamise­kile emqondweni.

“Sicela ongaba nolwazi ngalo mfana ukuba athintane noSergeant Nandipha Mbebe ku: 031 3254541 noma 071 845 8023, ukuze sizothola umndeni wakhe,” kusho uCaptain Gwala. Khonamanja­lo, ugwetshwe iminyaka engu-20 eNkantolo eNkulu yaseMadade­ni umlisa olahlwe ngecala lokubulala uthishanhl­oko waseKhomo Primaty. UScelo Mdletshe (23) waseQomint­aba, Obuka, ugwetshwe ngoLwesihl­anu oludlule ngecala lokubulala uNkk Busisiwe Nzuza (48). Ngesikhath­i egwetshwa umbulali , inkantolo okhiphe umyalelo wokuthi akasakufan­ele ukuphatha isibhamu. Isigameko sokubulawa kwalo thishanhlo­ko senzeka ngoJanuwar­i 2017, umufi wayehamba emgwaqweni u-R34 ebheke eShowe ehamba nezihlobo zakhe ezimbili kwathi sebeseMpan­geni bahlangana THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. nabantu abathathu abacela ukugitshel­iswa emotweni.

Wabe esema umufi wabagibeli­sa, kwakukhona amadoda amabili noyedwa wesifazane.

Kulaba abathathu ababegitsh­elisiwe, ababili bacela ukwehla eMasangwen­i, wabehlisa base beqhubeka nohambo.

Sebefike eNkwalini owesilisa owayesele wacela umshayeli ukuba ehle emotweni yakhe. Umshayeli wayimisa imoto, umbulali wakhipha isibhamu wamphoqa ukuba ehle. Umshayeli kuthiwa wanqaba ukwehla, wazama nokuyihamb­isa imoto yakhe. Umbulali wabe esemdubula kathathu ekhanda maqede wehla emotweni wabaleka.

Amaphoyisa aseShowe avula icala lokubulala nelokuzama ukubamba inkunzi. Icala labe seliphenyw­a kwagcina kuboshwe umbulali ngoSepthem­ba 2017. Ubelokhu ehamba icala njengoba ligcine limlahlile wabe esegwetshw­a.

 ?? Isithombe: AMAPHOYISA/ SAPS ?? UMFANA oneminyaka elinganise­lwa kwengu-10 otholwe eThekwini okuthungat­hwa umndeni wakhe
Isithombe: AMAPHOYISA/ SAPS UMFANA oneminyaka elinganise­lwa kwengu-10 otholwe eThekwini okuthungat­hwa umndeni wakhe
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa