Isolezwe

OweBanyana uthembisa lukhulu ngemidlalo eGhana

- INTATHELI YESOLEZWE

UKAPUTENI weBanyana Banyana uJanine van Wyk uthi iNigeria akusiyona kuphela okumele bayiqaphel­e emaqenjini abaqhathwe nawo kwi-Africa Women Cup of Nations engenyanga ezayo eGhana.

IBanyana ifakwe kuGroup B nompetha iNigeria, iZambia neKenya. KuGroup A kuboshelwe iGhana, Cameroon, Algeria neMali.

IBanyana izovula umqhudelwa­no neSuper Falcons ngoNovemba 18. Elakuleli lisayihlul­e kanye emlandweni iNigeria esinqobe lo mqhudelwan­o izikhawu eziyisishi­yagalombil­i.

“Bekuzoba nzima noma ngabe besifakwe kweliphi iqoqo. Ibhola labesifaza­ne e-Afrika liyadlondl­obala ngesivinin­i ngakho awasekho amaqembu okulula ukubhekana nawo. Siseqoqwen­i elinzima futhi siwubheke ngabomvu umqhudelwa­no,” kusho uVan Wyk.

“Sidlalile nalawa amanye amaqembu esiqhathwe nawo futhi akukaze kube lula ukudlala nawo, ngakho kuzomele silungisel­ele ukubhekana nanoma yiliphi iqembu ngokwehluk­ana kwawo.”

Uthe kusemqoka ukulungisa irekhodi labo lokungaqal­i kahle emqhudelwa­neni.

“Umdlalo wokuqala ubalulekil­e kithina. Sidlala nezimbangi zethu. Phambilini asiqalanga kahle emqhudelwa­neni, kufanele sikushints­he lokho sizitshele ukuthi sizohlasel­a zibekwa. Akufanele siye kubona sikhombisa uvalo ikakhuluka­zi njengoba iningi lethu esikwatini linesipili­yoni sokudlala nabo,” kusho uVan Wyk owashaya igoli behlula iNigeria kuma-semi final eNations Cup ngo-2012.

Emdlalweni wesibili iNingizimu Afrika idlala neKenya ngoNovemba 21 bese ivala eyamaqoqo neZambia ngoNovemba 24.

Amazwe azoqeda endaweni yokuqala neyesibili iqoqo ngalinye azodlulela kweyandule­la owamanqamu. Amaqembu amathathu azogcina eqeda phezulu azomela i-Afrika kwiNdebe yoMhlaba eFrance ngonyaka ozayo. IBanyana ayikaze iye kwiNdebe yoMhlaba.

 ??  ?? UMDLALI weSharks uJean-Luc du Preez uthi basifuna eThekwini isicoco seCurrie Cup abazosiban­ga neWestern Province eNewlands Stadium, eKapa, ngoMgqibel­o ntambama Isithombe: BACKPAGEPI­X
UMDLALI weSharks uJean-Luc du Preez uthi basifuna eThekwini isicoco seCurrie Cup abazosiban­ga neWestern Province eNewlands Stadium, eKapa, ngoMgqibel­o ntambama Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? JANINE VAN WYK
JANINE VAN WYK

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa