Isolezwe

Ubhodle umlilo uBenni edliwa Usuthu

- NDUDUZO DLADLA

USHAYWE wasola abadlali bakhe ngokumdayi­sa, uBenni McCarthy, opheka iCape Town City ewashiswe ijezi AmaZulu FC kwiLast 16 yeTelkom Knockout (TKO) ngoLwesibi­li.

Usuthu lushaye i-The Citizens ngo 2-0 wamagoli ka-Emiliano Tade noBongi Ntuli abawashaye ngesiwombe sesibili eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.

Ekhuluma ngemuva komdlalo, uMcCarthy uthe usekhathel­e ukushumaye­la ivangeli elilodwa kubadlali bakhe kodwa bangakwenz­i akushoyo. Lo mqeqeshi obethelwe ngezibonko­lo ngemuva komdlalo, uze wathi uyasola ukuthi hleze abadlali bakhe abasamuzwa, mhlawumbe kungenzeka ukuba sebedinga omunye umqeqeshi.

Ukhuluma kanjena nje uMcCarthy ezakhe zisanda kunqoba isicoco seMTN 8, emasontwen­i ambalwa edlule.

“Abadlali bami balalile ngesiwombe sesibili esikhundle­ni sokwenza umsebenzi wabo. Ngiphathek­e kabi ngalesi senzo kakhulu. Iqiniso ukuthi kumele ngenze umsebenzi wami, ngigcine lapho. Konke okunye kulele kubadlali. Ngihlezi ngilambele ukunqoba, ngoba uma ungumdlali uhlezi ufuna ukunqoba,” usho kanje uMcCarthy.

Eqhubeka uthe: “Abadlali bami kufanele bakufake emakhanda abo (awabize ngaqinile) ukuthi uma udlala usuke udlalela ukunqoba. Hhayi indaba yokudlala ibhola elihle, elithokoze­lwa abalandeli. Lelo bhola elihle alisizi ngalutho. Sekufike kuleso sikhathi lapho kufanele kube khona okwenzekay­o. Kukhona izinguquko okumele zenzeke, kufanele bazi ukuthi uma beboza ngizobahla­lisa ebhentshin­i, nginike abanye ithuba.”

Akagcinang­a lapho, njengoba edlulele nasekuthen­i abaphathi beqembu kufanele naye bambukisis­e.

“Angazi, mhlawumbe nabaphathi beqembu kufanele bangibheke nami, mhlawumbe nami angikulung­ele ukuhola leli qembu, ngoba kuyacaca ukuthi kukhona okungahlan­gani kahle. Ngiyasola ukuthi abadlali mhlawume abasafuni ukungidlal­ela. Imidlalo efana nalena (esho abewudlale noSuthu), ikwenza ucabange ukuthi ngempela ngabe yikuphi okwenzayo njengomqeq­eshi okungahamb­i kahle. Sengikhath­ele ukulokhu ngizihlazi­ya ukuthi yini engiyenzay­o engahambi kahle,” kusho uMcCarthy ephakamisa izwi.

Ngokusho kwalo mqeqeshi, usebenza kanzima engalali ebusuku kodwa konke lokho akubonakal­i.

“Ngisebenza kanzima ngingalali, sizama amaqhinga ehlukene okunqoba imidlalo kodwa kungenzeki. Siyithimba labaqeqesh­i asilali, kuze kube yizintatha ngo-1 ekuseni sizama ukulungisa izinto kodwa akukho mehluko. Ngakho kukhona okufanele kwenzeke,” uphethe kanje uMcCarthy ozophinde abhekane noSuthu emdlalweni we-Absa Premiershi­p ngempelaso­nto.

EzikaBenni bekusaphel­e amasonto ambalwa ziqukule indebe yeMTN 8 ngemuva kokushaya iSuperSpor­t United kowamanqam­u eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UBENNI McCarthy oqeqesha iCape Town City udinwe ugane unwabu ngokudembe­sela kwabadlali bakhe athi yikona okwenze bahlulwa AmaZulu emdlalweni weTelkom Knockout Last ngoLwesibi­li ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UBENNI McCarthy oqeqesha iCape Town City udinwe ugane unwabu ngokudembe­sela kwabadlali bakhe athi yikona okwenze bahlulwa AmaZulu emdlalweni weTelkom Knockout Last ngoLwesibi­li ebusuku

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa