Badeleliswa yimali abadlali: Tlale
ABUSWA yizindodla zemali le abayikha ngamafosholo abadlali bamanje, yingakho sebenomkhuba omubi wokukhombisa ukungahloniphi ngokuthi bachizele abaqeqeshi uma bekhishwa.”
Lawa ngamazwi akhombisa intukuthelo ashiwo yinkakha yeMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates, uJohn Tlale ngenxa yesenzo sakamuva sikaMark Mayambela weChippa United.
UMayambela kuthe uma ekhishwa wumqeqeshi u-Eric Tinkler wangafuna ukuxhawula, kunalokho waqonda ezindlini zokushintshela.
“Banenhlanhla ngoba abazange badlale nathi ngoba ngabe kuqhuma enkulu impama kubuka lonke izwe,” kuqhuba uTlale.
Kwenzeka lokhu ngeledlule nje, akuphele sikhathi esingakanani uGustavo Paez weKaizer Chiefs enze ukungahloniphi okufanayo. NoTalent Chiwapiwa weBaroka FC usanda kukwenza lokhu.
NgokukaTlale odlalele neBafana Bafana, abadlali bamanje abayiboni inhlanhla abawele kuyona njengoba bedlala ibhola selikhokha ngale ndlela elikhokha ngayo. Kungenxa yayo le mali laba badlali bezibona sebengonkulunkulu abangalaleli muntu ngisho nabaqeqeshi, okuyibona abasuke bebafake esikimini.
Nakuba ethi usexolisile uMayambela kodwa isenzo sakhe ephebeza u-Eric Tinkler ezama ukumchazela okuthile bebhekene ne-Orlando Pirates koweTelkom Knockout, sishiye abaningi bejabhile.
“Sekudlulile okwenzekile phakathi kwami nomqeqeshi. Ngeke ngande kakhulu kodwa ngixolisile kubona bonke abathintekayo ngisho nosihlalo imbala, ngilucelile uxolo kuyena,” kusho uMayambela ezithethelela ngokuthi bekuwumdlalo omkhulu, ubemagange ukuthi enze kahle. Kusobala futhi ukuthi laba badlali bakwenza ngabomu lokhu ngoba bathembe ukuxolisa njengoba enzile noPaez. Lo mdlali waseSouth America ukhishwe ngomzuzu ka-65 iChiefs inqoba iMacufe Cup, okulandelwe wukuthi anqabe udede ukuxhawula kuGiovanni Solinas (ozame kaningi nokho).
“Kube yiphutha engikwenzile kodwa sengixolisile kumqeqeshi, iqembu nakubalandeli. Lokhu okwenzekile akukuhle kodwa bekungekhona ukuthi angimhloniphi uSolinas.
Kuba njalo uma usemdlalweni amaphaphu ahlale ephezulu,” kusho uPaez kwi-website yeChiefs.
Lo mkhuba uqale ukubonakala kuChiwapiwa waseZimbabwe egoloza ukuxhawula kumqeqeshi wakhe, uWedson Nyirenda, bekhala ngaphansi ngo 2-1 kwiPirates.
“UTalent ufana nendodana kimina. Ngiyazi futhi ukuthi njengoba ngiwumqeqeshi kuwumsebenzi wami ukubacija laba bafana ngoba bancane. Uxolisile ngesenzo sakhe ngakhoke kumele ngilwamukele uxolo ngoba siyamdinga enkundleni,” usho kanje uNyirenda ngemuva kwalesi sigameko sakhe noChiwapiwa.
“Angazi ngempela ukuthi bangenelwe yini laba bafana. Abazihloniphi bona. Umqeqeshi wumuntu omkhulu kabi ngoba kuba ngenxa yakhe ukuthi umdlali abe senkundleni. Badudwa yimali le abayikha ngamafosholo. Anginawo umona kodwa nanamuhla ngisahlonipha yize nginayo eyami imali iningi. Bayosinda nje ngoba awasekho amabhoklolo ayekhona ngezikhathi zethu,” kusho uTlale.