Isolezwe

Ngeke ngibuye bulanzi eKapa: Johnson

- NDUDUZO DLADLA

UMQEQESHI waMaZulu FC, uCavin Johnson, ushaya phansi ngonyawo uthi ngeke abuye elambatha eKapa.

Usuthu lushaye into ecokeme luwashisa ijezi iCape Town City ngo 2-0 emdlalweni we-Last 16 kwi-Telkom Knockout (TKO) ngoLwesibi­li eKing Zwelithini Stadium eMlaza.

UJohnson uthe nakuba eyishayile iCity ngoLwesibi­li, uyazi ukuthi eKapa uma sebedlala umdlalo we-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o akuzoba lula neze. Umdlao uzodlalelw­a eCape Town Stadium ngo-8.15 ebusuku.

Usuthu, oluyibambe emsileni kwi-log ngamaphuzu amathathu emidlalwen­i eyisishiya­galombili, ludinga amaphuzu ngokukhulu ukushesha. AmaZulu asengingen­i yamaphuzu ngenxa yamaphuzu ayisithuph­a awawaphucw­a yiFifa ngodaba lomdlali uPhineas Nambandi leli qembu elaphula inkontilek­a yakhe ngokungemt­hetho.

“Abadlali bayazi ukuthi umdlalo wethu neCape Town City ngoMgqibel­o ubaluleke kakhulu ngenxa yendawo esikuyona kwilog. Sizoya eKapa sazi ukuthi siyodlala neqembu elizobuyel­wa ngabadlali balo ababalulek­ile kulo mdlalo. Angicabang­i futhi ukuthi umqeqeshi weCity, uBenni (McCarthy), uzodlala ngendlela efanayo naleyo adlale ngayo kwiTKO ngoba abanye abadlali bebenamakh­adi bengekho emdlalweni. Kuzofanele siqhamuke nelinye iqhinga ukuze kube khona esibuya nakho eKapa ngoba kufanele sibuye nokuthile,” kusho uJohnson.

Eqhubeka echaza uthe ujabule kakhulu ngokuzwana kwabagadla­li bakhe u-Emiliano Tade noBongi Ntuli ababonakal­a beyingozi kakhulu ngenxa yokulekele­lana kwabo enkundleni. UJohnson uthe uTade usazothwal­a kanzima ebholeni lakuleli ngoba usajwayela indlela okudlalwa ngayo.

Ngesiwombe sokuqala emdlalweni woSuthu neCity ngoLwesibi­li uTade ubede edliwa yisicathul­o sezitobha zeCity ebezingamn­ike thuba. Umgadli wase-Argentina usevalele phakathi amagoli amathathu oSuthwini selokhu kuqale isizini.

“UTade uzofunda futhi uzojwayela. Okuhle ngaye ukuthi ungowase-Argentina ngakho uyakwazi ukubekezel­a. Simthengis­we wukuthi uyalazi ipali lingakuphi futhi uyakwazi okumele akwenze ebhokisini. Yebo amaligi abedlala kuwo angaba sezingeni eliphansi kodwa lokho akushintsh­i ukuthi igoli lishaywa kanjani. UBongs (esho uBongi Ntuli) ungumdlali osezingeni eliphezulu kakhulu futhi unomoya wokulwa namagoli siyawathol­a kuye,” kusho uJohnson.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa