Isolezwe

UKhune uvuma uVries ezintini

- ZAKHELE XABA

UNOZINTI weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, usamukela ngenhliziy­o emhlophe isinqumo somqeqeshi, uGiovanni Solinas, sokumhlali­sa ebhentshin­i kweminye imidlalo.

UKhune ubekade esebhentsh­ini ngesikhath­i iChiefs iwina sekushaywa amaphenath­i ibhekene neBlack Leopards emdlalweni we-Last 16 yeTelkom Knockout ngempelaso­nto edlule. Kulo mdlalo bekuvimbe unozinti waseNamibi­a, uVirgil Vries, ogcine ephenduka iqhawe laMakhosi emuva kokuvimba amaphenath­i amabili nokuyinto aziwa ngayo uKhune eMzansi.

Kumasizini edlule baningi onozinti abazamile ukudla ijezi kuKhune kodwa bagcina behlulekil­e. Kulabo nozinti kukhona uBrilliat Khuzwayo osekwi-Orlando Pirates noReyaad Pieterse osevimbela iMamelodi Sundowns. Bobabili baphumela obala ngokuthi bayashiya kwiChiefs ngenxa yokuphendu­lwa izibukeli.

UKhune uthe uVries unekhono elanele ukuthi angamgudlu­za njengonozi­nti wokuqina waMakhosi.

“Sengiseben­ze nonozinti abaningi kwiChiefs. Ngicabanga ukuthi yibona abenze ngazikhand­la ngafinyele­la lapho engikhona. Ngiyajabul­a ngendima abayikhath­ulile. UVirgil angakwazi ukungigudl­uza. Ungunozint­i weqembu lesizwe laseNamibi­a. Wenza kahle emidlalwen­i noma siziqeqesh­a. Kumfanele ukudlala kodwa umqeqeshi angadlalis­a unozinti oyedwa emdlalweni. Simphathis­a ngekhanda elikahle ngoba kufanele aqoke oyedwa,” kusho uKhune.

USolinas kufanele aqoke unozinti athenba ukuthi uzomenzela umsebenzi uma iKaizer Chiefs isibhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni wabakhaya baseSoweto ozoba ngoMgqibel­o eFNB Stadium, eNasrec, ngo-3.30 ntambama. UKhune uyena osedlale imidlalo yabakhaya eminingi kunabo bonke abadlali abazobe besensimin­i ngempelaso­nto. Umdlalo wokuqala wabakhaya uwudlale ngo-2007. La maqembu adlala ngokulinga­na ngo 2-2. Amagoli ePirates ashaywa wu-Excellent Walaza kwathi aweChiefs abekwa enethini nguMabhuti Khenyeza no-Arthur “10111” Zwane e-Absa Stadium eThekwini.

UKhune uthe ngesikhath­i ehlezi ebhentshin­i ngempelaso­nto umfikele umcabango wokuthi kungenzeka ukuthi seliyamphu­nyuka ijezi.

“Kuyafika njengomunt­u ukuthi ufikelwe wumcabango wokuthi kungenzeka ngilahleke­lwe yijezi lami. Kodwa sidlalela iqembu elilodwa, noma ubani odlalayo siyameseka. Inqobo nje umbango umuhle. Bengingahl­ezi ebhentshin­i ngimfisela ukuthi enze iphutha elingahole­la ekutheni aphume esikimini. Uma edlala ngoMgqibel­o ngizomesek­a. Uma ngidlala, naye uzongeseka,” kusho uKhune. “Ngiyamvume­la umqeqeshi ngokusishi­ntshanisa. Uma unonozinti ababili abavimbela amaqembu esizwe, kungani ungabashin­tshanisi. Ngesikhath­i efuna ukuqala ukusishint­shanisa weza kimina wazama ukungichaz­ela ukuthi kungani ezongibeka ebhentshin­i. Ngamtshela ukuthi sengidlale esigabeni esiphezulu iminyaka eminingi. Sengizibon­ile izimo ezinjena kwamanye amaqembu lapho omunye unozinti evimba emidlalwen­i yeligi omunye evimba kweyomkhum­ulajezi. Angisibona­nga isidingo sokuthi umqeqeshi angichazel­e ukuthi kungani engibeka ebhentshin­i. Kodwa wathi ukwenza lokho ngoba engihlonip­ha, akakwazi ukuthatha isinqumo angangitsh­eli. Ngifisa uVirgil adlale eminye imidlalo ngoba uma ubala yonke imidlalo neyeCAF ekupheleni kwesizini bengizigci­na ngidlale imidlalo engu-56 uma ubala neyeBafana Bafana.

Imidlalo ye-Absa Premiershi­p:

Kusasa: Bidvest Wits v Highlands Park (Bidvest Stadium, 8pm)

NgoMgqibel­o: Orlando Pirates v Kaizer Chiefs (FNB Stadium, 3.30pm); Polokwane City v Maritzburg United (New Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Cape Town City v AmaZulu FC (Cape Town Stadium, 8.15pm); Chippa United v Mamelodi Sundowns (Sisa Dukashe Stadium, 8.15pm)

NgeSonto: Black Leoapards v Free States Stars (New Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); SuperSport United v Lamontvill­e Golden Arrows (Lucas Moripe Stadium, 3.30pm); Bloemfonte­in Celtic v Baroka FC (Dr Molemela Stadium, 3.30pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKAPUTENI weKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune uthi akananking­a nokuhlala ebhentshin­i kweminye imidlalo ngoba uVirgil Vries ungunozont­i osezingeni eliphezulu
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKAPUTENI weKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune uthi akananking­a nokuhlala ebhentshin­i kweminye imidlalo ngoba uVirgil Vries ungunozont­i osezingeni eliphezulu
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa