Isolezwe

‘AmaSharks angase akuphinde lokho’

- NDUDUZO DLADLA

AKAKHOHLWA namanje yisenzo seCell C Sharks inqoba isicoco seCurrie Cup ekuhambeni ishaya iDHL Western Province ngo-2013, uJean-Luc du Preez oyi-flanker yeqembu laseThekwi­ni.

Ngokusho kukaDu Preez, owayenza u-matric ngaleso sikhathi, oShaka bamangaza abaningi benqoba isicoco benganikwe thuba.

UDu Preez uthe kungenzeka ngoMgqibel­o amaSharks, azodlala neqembu elifanayo emqhudelwa­neni ofanayo ekuhambeni, akuphinde lokho.

Umdlalo wamanqamu obhekwe ngabomvu uzoba seNewlands Stadium, eKapa, ngo-4 ntambama.

“Sibheke ukuthi sisinqobe isicoco seCurrie Cup ngoba sekuphele iminyaka emihlanu sagcina ukusinqoba. Empeleni ngesikhath­i iSharks igcina ukunqoba isicoco ngangisenz­a u-matric. Lokhu kukhombisa ngokusobal­a ukuthi isikhathi sesihambil­e, kumele nakanjani sisinqobe lesi sicoco,” usho kanje uDu Preez ngemuva kokuziqeqe­sha nezakhe eKings Park Stadium.

UDu Preez ubuya ekulimalen­i okumhlalis­e izinyanga ezintathu nohhafu engadlali. Selokhu ebuyile usadlale imidlalo emibili kwiCurrie Cup. Udlale neTafel Lager Griquas (imizuzu ewu-20), wabhekana neXerox Golden Lions (imizuzu engu-30).

“Kumnandi ukubuyela emdlalweni engiwuthan­dayo. Empeleni ngizizwa ngiwumqema­ne, kangangoba ngagcina ukuzizwa kanje eminyakeni emibili edlule,” usho kanje uDu Preez.

Ngesizini edlule iSharks ishaywe yiqembu elifanayio kowamanqam­u kulo mqhudelwan­o eKings Park Stadium. Umdlalo waphela abalandeli beSharks bekhala emuva kokushaywa ngo 33-21.

“Kusebuhlun­gu ukuthi sashaywa ngesizini edlule futhi sishaywa yiqembu elifanayo. Okubalulek­ile njengamnje wukuthi sibe nenhlanhla yokuzithol­a kowamanqam­u futhi, ngakho kufanele sinqobe kulokhu,” kusho uDu Preez.

Kusuka ngo-1999, iSharks isidlale kowamanqam­u amahlandla ayishumi, yanqoba isicoco kathathu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa