Isolezwe

Badelelisw­a yimali abadlali: Tlale

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ABUSWA yizindodla zemali le abayikha ngamafosho­lo abadlali bamanje, yingakho sebenomkhu­ba omubi wokukhombi­sa ukungahlon­iphi ngokuthi bachizele abaqeqeshi uma bekhishwa.”

Lawa ngamazwi akhombisa intukuthel­o ashiwo yinkakha yeMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates, uJohn Tlale ngenxa yesenzo sakamuva sikaMark Mayambela weChippa United.

UMayambela kuthe uma ekhishwa wumqeqeshi u-Eric Tinkler wangafuna ukuxhawula, kunalokho waqonda ezindlini zokushints­hela.

“Banenhlanh­la ngoba abazange badlale nathi ngoba ngabe kuqhuma enkulu impama kubuka lonke izwe,” kuqhuba uTlale.

Kwenzeka lokhu ngeledlule nje, akuphele sikhathi esingakana­ni uGustavo Paez weKaizer Chiefs enze ukungahlon­iphi okufanayo. NoTalent Chiwapiwa weBaroka FC usanda kukwenza lokhu.

NgokukaTla­le odlalele neBafana Bafana, abadlali bamanje abayiboni inhlanhla abawele kuyona njengoba bedlala ibhola selikhokha ngale ndlela elikhokha ngayo. Kungenxa yayo le mali laba badlali bezibona sebengonku­lunkulu abangalale­li muntu ngisho nabaqeqesh­i, okuyibona abasuke bebafake esikimini.

Nakuba ethi usexolisil­e uMayambela kodwa isenzo sakhe ephebeza u-Eric Tinkler ezama ukumchazel­a okuthile bebhekene ne-Orlando Pirates koweTelkom Knockout, sishiye abaningi bejabhile.

“Sekudlulil­e okwenzekil­e phakathi kwami nomqeqeshi. Ngeke ngande kakhulu kodwa ngixolisil­e kubona bonke abathintek­ayo ngisho nosihlalo imbala, ngilucelil­e uxolo kuyena,” kusho uMayambela ezithethel­ela ngokuthi bekuwumdla­lo omkhulu, ubemagange ukuthi enze kahle. Kusobala futhi ukuthi laba badlali bakwenza ngabomu lokhu ngoba bathembe ukuxolisa njengoba enzile noPaez. Lo mdlali waseSouth America ukhishwe ngomzuzu ka-65 iChiefs inqoba iMacufe Cup, okulandelw­e wukuthi anqabe udede ukuxhawula kuGiovanni Solinas (ozame kaningi nokho).

“Kube yiphutha engikwenzi­le kodwa sengixolis­ile kumqeqeshi, iqembu nakubaland­eli. Lokhu okwenzekil­e akukuhle kodwa bekungekho­na ukuthi angimhloni­phi uSolinas.

Kuba njalo uma usemdlalwe­ni amaphaphu ahlale ephezulu,” kusho uPaez kwi-website yeChiefs.

Lo mkhuba uqale ukubonakal­a kuChiwapiw­a waseZimbab­we egoloza ukuxhawula kumqeqeshi wakhe, uWedson Nyirenda, bekhala ngaphansi ngo 2-1 kwiPirates.

“UTalent ufana nendodana kimina. Ngiyazi futhi ukuthi njengoba ngiwumqeqe­shi kuwumseben­zi wami ukubacija laba bafana ngoba bancane. Uxolisile ngesenzo sakhe ngakhoke kumele ngilwamuke­le uxolo ngoba siyamdinga enkundleni,” usho kanje uNyirenda ngemuva kwalesi sigameko sakhe noChiwapiw­a.

“Angazi ngempela ukuthi bangenelwe yini laba bafana. Abazihloni­phi bona. Umqeqeshi wumuntu omkhulu kabi ngoba kuba ngenxa yakhe ukuthi umdlali abe senkundlen­i. Badudwa yimali le abayikha ngamafosho­lo. Anginawo umona kodwa nanamuhla ngisahloni­pha yize nginayo eyami imali iningi. Bayosinda nje ngoba awasekho amabhoklol­o ayekhona ngezikhath­i zethu,” kusho uTlale.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMARK Mayambela ungumdlali wakamuva ukukhombis­a ukuba luhlaza ngokungafu­ni ukuxhawula umqeqeshi ngesikhath­i emkhipha
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMARK Mayambela ungumdlali wakamuva ukukhombis­a ukuba luhlaza ngokungafu­ni ukuxhawula umqeqeshi ngesikhath­i emkhipha
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa