Isolezwe

USolinas noMicho abayingeni ekaRulani

- ZAKHELE XABA

ABAQEQESHI bezinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, bayikhombe kwabezinda­ba inkulumo kaRulani Mokwena obegxeka ubuthakath­aka bebhentshi laMakhosi kusukela kuhambe uSteve Komphela ePhefeni.

UMokwena ugxekwe yiningi ngenkulumo yakhe yangoLwesi­bili lapho ethe kusukela kuhambe uKomphela kuyabonaka­la ukuthi sebuyashod­a ubuholi nokuthi abadlali abaphambil­i abasayinis­we yiChiefs bayakugqib­a ukwentula ulwazi kwabaqeqes­hi bayo.

Le nkulumo ihlukanise phakathi abathandi bebhola kwazise abanye bathi bekungafan­ele akhulume ngalolu hlobo. Kukhona abathi uMokwena uqinisile futhi lokho kuzocaca ezinyangen­i ezimbalwa ezizayo.

Izolo, esithangam­ini nabezindab­a emahhovisi ePremier Soccer League uGiovanni Solinas weChiefs noMilutin “Micho” Sredojevic, bebemanqik­a ukuphawula, bagcina beyikhomba kwabezinda­ba.

“Angikwazi ukuphawula ngale nto. Uzakwethu nguMicho. Uziphatha ngendlela eyamukelek­ile njengami. Ngiyamhlon­ipha uzakwethu. Ngizizwa kahle, akukho okushintsh­ile ngenxa yale nkulumo. Anginandab­a nale nto. Sidinga ukugxilisa imiqondo yethu emaqhingen­i omdlalo esizowudla­la kunale nto. Angimazi uRulani kodwa kungenzeka ukuthi izintathel­i ziyakhile le nto. Kuyamangaz­a, akujwayele­kile ukuthi umqeqeshi akhulume ngale ndlela. Mhlampe izintathel­i ziyiphekil­e le ndaba,” kusho uSolinas. IChiefs izogadulis­ana ne-Orlando Pirates emdlalweni wabakhaya we-Absa Premiershi­p ozoba seFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibel­o ngo-3.30 ntambama. Amakhosi agcina ukwehlula eZimnyama koweligi ngo-2014.

Kukhona abakholwa wukuthi uMokwena uzama ukuqeda uzinzo ekhempini yeChiefs ngaphambi komdlalo omkhulu. Kulaba kukhona nokaputeni weChiefs, u-Itumeleng Khune.

UMicho uthe kungenzeka ukuthi izintathel­i aziyibekan­ga kahle inkulumo kaMokwena.

“URulani sisondelen­e kakhulu naye, sibambe umsebenzi owodwa. Sikhuluma naye zonke izinsuku. Ngibona ukuthi inkulumo yakhe ayibekwang­a ngendlela futhi angifuni ukusho okungaphez­u kwalokho. Ngifisa ukugxila emdlalweni esizowudla­la ngoMgqibel­o,” kusho uSredojevi­c.

IChiefs nePirates bazobhekan­a kowabakhay­a ihlandla lika-164 emlandweni webhola laseMzansi. USolinas kuzobe kungokokuq­ala ebhekana nePirates kusukela eqashwe njengomqeq­eshi waMakhosi ekuqaleni kwesizini ka-2018/2019. UMicho ubehola eZimnyama ngesikhath­i zihlula Amakhosi ngo 3-1 ngesizini edlule kusaqeqesh­a uKomphela.

“Umdlalo wabakhaya mkhulu kakhulu. Kunzima ukubhekana nePirates kodwa sizokwenza konke okusemandl­eni. Abadlali bayazi ukuthi uchaza ukuthini umdlalo wala maqembu. Kodwa lona umdlalo webhola, kufanele sihlonipha­ne. Ngiyayihlo­nipha iPirates,” kusho uSolinas.

“Umlando awusho lutho ebholeni. Ibhola liyimanje nekusasa. Kuzoba wumdlalo onzima kithina nakwiPirat­es. Kodwa mina ngifuna ukuwuthoko­zela lo mdlalo. Ngethemba ukuthi ngeke lube khona udlame, sihlonipha­ne. IChiefs izame ukuwina nePirates izame ukuwina kodwa kuhlonishw­ane.” UMicho uthe” :Siyayihlon­ipha iChiefs. Njengoba usihlalo wethu (Irvin Khoza) ehlala esho ukuthi silawula ukujabula kwabantu kuleli lizwe. Amandla amakhulu esibusiswe ngawo ukuba lapha nokubajabu­lisa, kufanele siwasebenz­ise ngendlela ngoMgqibel­o. Sibheke ukwenza konke okusemandl­eni, sithole imiphumela.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? KUZOCACA ngoMgqibel­o ukuthi yimuphi umqeqeshi ozophuma ehleka eFNB Stadium phakathi kukaMiluti­n Sredojevic, we-Orlando Pirates, noGiovanni Solinas weKaizer Chiefs, emdlalweni wabakhaya USIBUSISO Mabiliso noThembela Sikhakhane baMaZulu bejabula nozakwabo u-Emiliano Tade oshaye igoli bebhekene neCape Town City emdlalweni weTelkom Knockout Last 16 eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesibi­li ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X Isithombe: BACKPAGEPI­X KUZOCACA ngoMgqibel­o ukuthi yimuphi umqeqeshi ozophuma ehleka eFNB Stadium phakathi kukaMiluti­n Sredojevic, we-Orlando Pirates, noGiovanni Solinas weKaizer Chiefs, emdlalweni wabakhaya USIBUSISO Mabiliso noThembela Sikhakhane baMaZulu bejabula nozakwabo u-Emiliano Tade oshaye igoli bebhekene neCape Town City emdlalweni weTelkom Knockout Last 16 eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesibi­li ebusuku
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa