UKhune uvuma uVries ezintini
UNOZINTI weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, usamukela ngenhliziyo emhlophe isinqumo somqeqeshi, uGiovanni Solinas, sokumhlalisa ebhentshini kweminye imidlalo.
UKhune ubekade esebhentshini ngesikhathi iChiefs iwina sekushaywa amaphenathi ibhekene neBlack Leopards emdlalweni we-Last 16 yeTelkom Knockout ngempelasonto edlule. Kulo mdlalo bekuvimbe unozinti waseNamibia, uVirgil Vries, ogcine ephenduka iqhawe laMakhosi emuva kokuvimba amaphenathi amabili nokuyinto aziwa ngayo uKhune eMzansi.
Kumasizini edlule baningi onozinti abazamile ukudla ijezi kuKhune kodwa bagcina behlulekile. Kulabo nozinti kukhona uBrilliat Khuzwayo osekwi-Orlando Pirates noReyaad Pieterse osevimbela iMamelodi Sundowns. Bobabili baphumela obala ngokuthi bayashiya kwiChiefs ngenxa yokuphendulwa izibukeli.
UKhune uthe uVries unekhono elanele ukuthi angamgudluza njengonozinti wokuqina waMakhosi.
“Sengisebenze nonozinti abaningi kwiChiefs. Ngicabanga ukuthi yibona abenze ngazikhandla ngafinyelela lapho engikhona. Ngiyajabula ngendima abayikhathulile. UVirgil angakwazi ukungigudluza. Ungunozinti weqembu lesizwe laseNamibia. Wenza kahle emidlalweni noma siziqeqesha. Kumfanele ukudlala kodwa umqeqeshi angadlalisa unozinti oyedwa emdlalweni. Simphathisa ngekhanda elikahle ngoba kufanele aqoke oyedwa,” kusho uKhune.
USolinas kufanele aqoke unozinti athenba ukuthi uzomenzela umsebenzi uma iKaizer Chiefs isibhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni wabakhaya baseSoweto ozoba ngoMgqibelo eFNB Stadium, eNasrec, ngo-3.30 ntambama. UKhune uyena osedlale imidlalo yabakhaya eminingi kunabo bonke abadlali abazobe besensimini ngempelasonto. Umdlalo wokuqala wabakhaya uwudlale ngo-2007. La maqembu adlala ngokulingana ngo 2-2. Amagoli ePirates ashaywa wu-Excellent Walaza kwathi aweChiefs abekwa enethini nguMabhuti Khenyeza no-Arthur “10111” Zwane e-Absa Stadium eThekwini.
UKhune uthe ngesikhathi ehlezi ebhentshini ngempelasonto umfikele umcabango wokuthi kungenzeka ukuthi seliyamphunyuka ijezi.
“Kuyafika njengomuntu ukuthi ufikelwe wumcabango wokuthi kungenzeka ngilahlekelwe yijezi lami. Kodwa sidlalela iqembu elilodwa, noma ubani odlalayo siyameseka. Inqobo nje umbango umuhle. Bengingahlezi ebhentshini ngimfisela ukuthi enze iphutha elingaholela ekutheni aphume esikimini. Uma edlala ngoMgqibelo ngizomeseka. Uma ngidlala, naye uzongeseka,” kusho uKhune. “Ngiyamvumela umqeqeshi ngokusishintshanisa. Uma unonozinti ababili abavimbela amaqembu esizwe, kungani ungabashintshanisi. Ngesikhathi efuna ukuqala ukusishintshanisa weza kimina wazama ukungichazela ukuthi kungani ezongibeka ebhentshini. Ngamtshela ukuthi sengidlale esigabeni esiphezulu iminyaka eminingi. Sengizibonile izimo ezinjena kwamanye amaqembu lapho omunye unozinti evimba emidlalweni yeligi omunye evimba kweyomkhumulajezi. Angisibonanga isidingo sokuthi umqeqeshi angichazele ukuthi kungani engibeka ebhentshini. Kodwa wathi ukwenza lokho ngoba engihlonipha, akakwazi ukuthatha isinqumo angangitsheli. Ngifisa uVirgil adlale eminye imidlalo ngoba uma ubala yonke imidlalo neyeCAF ekupheleni kwesizini bengizigcina ngidlale imidlalo engu-56 uma ubala neyeBafana Bafana.
Imidlalo ye-Absa Premiership:
Kusasa: Bidvest Wits v Highlands Park (Bidvest Stadium, 8pm)
NgoMgqibelo: Orlando Pirates v Kaizer Chiefs (FNB Stadium, 3.30pm); Polokwane City v Maritzburg United (New Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Cape Town City v AmaZulu FC (Cape Town Stadium, 8.15pm); Chippa United v Mamelodi Sundowns (Sisa Dukashe Stadium, 8.15pm)
NgeSonto: Black Leoapards v Free States Stars (New Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); SuperSport United v Lamontville Golden Arrows (Lucas Moripe Stadium, 3.30pm); Bloemfontein Celtic v Baroka FC (Dr Molemela Stadium, 3.30pm)