Isolezwe

Kuthinteke noD’banj ngokufa kukaHHP

- FANELESIBO­NGE BENGU noMOTSWARI MOFOKENG

UKUDLULA emhlabeni kwengwazi ye-hip hop uJabulani “HHP” Tsambo kuthinte nabangapha­ndle kwemingcel­e yaseNingiz­imu Afrika njengoba isilomo somculi waseNigeri­a, uD’banj, sithe siphatheke kabi ngalezi zindaba.

UHHP ushone ngoLwesith­athu olwedlule. Imbangela yokufa kwakhe ibingakada­lulwa. Phambilini wake waphumela obala ngokuphath­wa wukhwantal­ala futhi wazama nokuzibula­la izikhawu ezintathu.

Engxoxweni ekhethekil­e neSolezwe, uD’banj, ufanise uHHP nomfowabo.

“Sasiqokwe ndawonye kumaMTV Europe Awards okuqala ngo-2007. Saya eGermany ndawonye. Wayekhulul­ekile, ephansi. Ngiphathek­e kabi ngokwenzek­ile. Sengathi uNkulunkul­u angawuqini­sa umndeni,” kusho uD’banj ngomoya ophansi.

Laba bobabili babeqhathw­e emunxeni weBest African Act noChameleo­ne, Jua Cali, Samini noJuma Nature. Indondo yagcine ithathwe wuD’banj.

Ngokwesita­timende somndeni, uHHP uzofihlwa ngoMgqibel­o eMmabatho, eMahikeng.

Kusasa kuzoba nenkonzo yesikhumbu­zo eNewtown Music Factory, eGoli, ngo12 emini. NgoLwesine kuzoba nenye eMmabatho Convention Centre ngo-12 emini.

Umndeni ubonge kakhulu ukwesekwa nothando olutholayo.

Uthe abazobhong­a emswaneni bavumeleki­le ukuya emkhulekwe­ni wansukuzon­ke okubo kwalo mculi eMahikeng ngo-6 ntambama.

UD’banj ubuye waveza uthando analo ngeNingizi­mu Afrika, ikakhuluka­zi iTheku.

“Okokuqala isimo sezulu sipholile. isimo sezulu sipholile. Akushisi kakhulu futhi akubandi kakhulu, kukahle. Kucishe kufane naseNigeri­a. Ngibuya ngiphindel­ela eThekwini ngoba yilapho esijwayele ukwenza khona amaMTV Awards futhi sengibuye lapha kane noma kahlanu. Abantu banomusa futhi banothando. Uma ungazi uyabona lapha ukuthi abesifazan­e babaluleki­le. AbaseThekw­ini naseNingiz­imu Afrika banamafiga omnyovu, bahle kakhulu.”

Uthe unengoma azoyikhiph­a ngoNovemba 2 ayenze noCassper Nyovest.

 ?? Isithombe: Motshwari Mofokeng/African News Agency (ANA) ?? UD’banj (ofake izibuko) ngesikhath­i eyohlola imishini yomsindo Eyadini Lounge ngoMgqibel­o emini uthe zimphathe kabi izindaba zokushona kukaHHP
Isithombe: Motshwari Mofokeng/African News Agency (ANA) UD’banj (ofake izibuko) ngesikhath­i eyohlola imishini yomsindo Eyadini Lounge ngoMgqibel­o emini uthe zimphathe kabi izindaba zokushona kukaHHP
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa