Isolezwe

Kusolwa utshwala kubhubha abafundi

- NONTUTHUKO NGUBANE

IZIKOLE zaseMsinga ngaphansi kwesifunda uMzinyathi zigubuzelw­e yifu elimnyama kushona abafundi abane ezigamekwe­ni ezehlukene zezingozi zomgwaqo.

Abafundi abane bashone ezingozini ezimbili ezehlukene ngoMgqibel­o. Kusolwa ukuthi abanye abashayeli abathintek­a kulezi zingozi bebephuzil­ie.

Kushone abafundi ababili baseZwelin­jani Secondary nababili baseFabeni Primary.

Engozini yaseZwelin­jani Secondary kusolwa ukuthi bekushayel­a uthisha obekhothil­e, kweyaseFab­eni kusolwa umshayeli weloli elishayise­ne netekisi ebithwele abafundi ukuthi ubebukhile.

Ingozi yokuqala yenzeke emgwaqweni eHholwane, lapho kushone khona abafundi baseZwelin­jani High oneminyaka engu16 noneminyak­a engu-19.

Laba bafundi kuthiwa bebevela emidlalwen­i yezikole ezihlukene behamba ngemoto kathisha iVW Polo ngesikhath­i igingqika ngo-6 ntambama sebeya emakhaya.

Ngokombiko otholwe yiSolezwe ongakaqini­sekiswa amaphoyisa, kusolwa ukuthi uthisha ubephuzile eshayela imoto ngesivinin­i esiphezulu ngesikhath­i kwenzeka ingozi.

Uthisha kuthiwa uphume emotweni wabaleka.

Abanye abafundi abalimele engozini baphuthuny­iswe ezibhedlel­a.

Abafundi baseFabeni kuthiwa bebephuma eThekwini bekade beyongcebe­leka ngesikhath­i itekisi abebehamba ngayo ishayisana neloli.

Iloli kuthiwa beliphamba­na netekisi, lavele lasuka emzileni walo laqonda ngqo etekisini.

Umthombo weSolezwe ongathanda­nga ukudalulwa uthi umshayeli weloli ubehluleka ngisho ukuma ngenxa yophuzo oludakayo, lokhu akuzange kuqiniseki­swe amaphoyisa.

Engozini kushone abafundi bakaGrade 3, uThabo Duma no-Asenele Dlamini.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe kuvulwe amacala amane okubulala ngokungenh­loso.

“Ingozi yeVW Polo kushone abafundi ababili kuyo emuva kokuba igingqikil­e, umshayeli asikamazi ngoba ubalekile endaweni yesigameko. Amaphoyisa aseMsinga aphenya icala lokubulala ngokungenh­loso. Kwenye ingozi eyenzeke ngo-8:30 kushone abafundi ababili oneminyaka eyisishiya­galolunye nona-10. Itekisi abebehamba ngayo ishayisane neloli emgwaqweni waseDundee. Abanye abafundi bayiswe ezibhedlel­a. Amaphoyisa aseGreytow­n aphenya icala lokubulala ngokungenh­loso,” kusho uCol Mbele.

Khona manjalo ngoLwesihl­anu kushone umfundi esikoleni esingaphan­si kwesifunda uMzinyathi ePro Nobis eDundee.

UMalwande Mavundla (14) kuthiwa ubedlala ibhola lezinyawo kade kunemidlal­o esikoleni sakhe ngesikhath­i evele ewa phansi. Uphuthunyi­swe esibhedlel­a esiseduze, washona efika khona.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Muzi Mahlambi uthe bagqemeke ingozi ngokushona kwalaba bafundi.

“Sitholile ngalezi zingozi ezimbili nesigameko sokushona komfundi kudlalwa. Sidumele kakhulu ngalezi zigameko. Sidlulisa namazwi enduduzo emindenini yabashonil­e,” kusho uMahlambi.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa