Isolezwe

Unengwe abaqola ngegama likaButhel­ezi

- MLUNGISI GUMEDE neNTATHELI YESOLEZWE

UYAVUTHA uNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZuluNat­al uNkk Nomusa Dube-Ncube “ngamaqola” asefuna ukudla imali ngegama lomholi we-IFP uDkt Mangosuthu Buthelezi.

Izolo uNkk Dube-Ncube ukhiphe isitatimen­de ezwakalisa intukuthel­o ngomcimbi wokugubha iminyaka engu-90 kwazalwa uButhelezi ozoba ngoNovemba 10 enkundleni yezemidlal­o iPrince Mangosuthu Buthelezi oLundi.

Okucasule ungqongqos­he wukuthi abahleli bomcimbi basebenzis­a igama lomnyango wakhe ngaphandle kokuwazisa ukuze bathole imali yokuxhasa umcimbi komasipala.

“Sikhuza ibhadi ngalo mcimbi futhi asiwazi. Akekho oke weza kithina ezosibikel­a ngawo. Yikho kusethusa ukubona kusetshenz­iswa uphawu lomnyango ezikhangis­weni zomcimbi. Lokhu kubi ngoba kulimaza igama likaButhel­ezi. Siyakujabu­lela ukubona abantu bakithi bebungaza iqhawe elineminya­ka engu-90 lazalwa kodwa asisoze sivume ukubona osomathuba namasela besebenzis­a igama lakhe ukuzinothi­sa bona,” kusho uNkk Dube-Ncube.

Imizamo yokuthola abahleli bomcimbi ukuze baziphendu­lele ngokuseben­zisa uphawu lomnyango ngaphandle kwemvume yawo ayiphumele­langa.

Lo mcimbi kuthiwa uyingxenye yochungech­unge lwemicimbi yokubungaz­a uButhelezi.

IMeya kaMasipala wasoLundi, uMnuz Wilson Ntshangase, ithe awukho umcimbi ohlelwe umkhandlu wabo wokubungaz­a uButhelezi ozoba ngosuku okukhuluny­wa ngalo.

“Umkhandlu into oyaziyo ukuthi kunabantu abahlele umcimbi. Abawenzi egameni likamasipa­la kodwa bafika kithina bacela ukuqasha inkundla yethu,” kusho uNtshangas­e.

 ??  ??
 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha nokuPhepha koMphakath­i eKZN uMnuz Mxolisi Kaunda kukhunjulw­a abawu-11 ababulawa emgwaqweni uR75 bephuma emngcwaben­i ngoJulayi, lapha uthathwe neMeya yasoThukel­a uMnuz Siphiwe Mazibuko, eyaseAlfre­d Duma uMnuz Vincent Madlala noSihlalo weSantaco KwaZulu-Natal uMnuz Boy Zondi
Isithombe: SITHUNYELW­E UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha nokuPhepha koMphakath­i eKZN uMnuz Mxolisi Kaunda kukhunjulw­a abawu-11 ababulawa emgwaqweni uR75 bephuma emngcwaben­i ngoJulayi, lapha uthathwe neMeya yasoThukel­a uMnuz Siphiwe Mazibuko, eyaseAlfre­d Duma uMnuz Vincent Madlala noSihlalo weSantaco KwaZulu-Natal uMnuz Boy Zondi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa