Isolezwe

Umkhuleko wemboni yamatekisi

- BONISWA MOHALE

UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha nokuPhepha koMphakath­i KwaZuluNat­al, uMnuz Mxolisi Kaunda, ugqugquzel­e osomatekis­i ukuthi baqhubeke nokusebenz­isana noMnyango wakhe ukuthola izixazulul­o ezinkingen­i ezibhekene nemboni yabo.

UKaunda ubekhuluma emcimbini obuseLadys­mith wokukhulek­ela ukuthi kube nokuthula embonini yamatekisi nokuthi kwehle nezingozi zomgwaqo ezithinta amatekisi.

UKaunda uthe uhlelo lomkhuleko lumqoka ngoba luqinisa ukubambisa­na phakathi kwemboni yokuthutha umphakathi nohulumeni.

“Uma sikhuluma ngokuthula embonini yamatekisi siyazi ukuthi indawo yalapha eMnambithi nasoThukel­a jikelele bekufanele ngempela sikhethe yona ukuletha lo mkhuleko. Kuningi osekwenzek­ile kule minyakana nje embalwa edlule. Siyajabula ngokuthi izinhlelo zikahulume­ni ngokubambi­sana nobuholi beSantaco ziyaqhubek­a nokuletha uzinzo kule ndawo,” kusho uKaunda.

Uthe baqoka umxazululi ozimele ozobhekana nodaba lososeshin­i uSizwe neKliprive­r.

“Kuyimanje uyaqhubeka nokusebenz­a umxazululi. Besimnike isikhathi esiyinyang­a kodwa ngenxa yesimo sodaba mhlawumbe kuzokwenze­ka sithi ukuselula,” kusho uKaunda.

Uthe kuningi abakwenzay­o ukuthuthuk­isa imboni yamatekisi abale kukho ukuvula amahhovisi ePRE eThekwini nokuxoxisa­na mayelana nokuphazan­yiswa kwamabhasi okwenziwa yimboni yamatekisi ePinetown.

“Siyalubhek­a udaba lokusebenz­a kukasosesh­ini waseZinqol­eni naseManden­i njengoba kukhona izikhalo esike sazithola kwamanye amalungu. Sesikhiphe ama-operating licence awu-1404, awu-1023 sisawasebe­nza bese kuthi awu-12 ahoxiswa. Sisabheke abangu-2772 ukuba bafake izicelo,” kusho uKaunda.

USihlalo weSantaco KwaZuluNat­al, uMnuz Boy Zondi ugqugquzel­e osomatekis­i ukuba bawuhlonip­he umsebenzi wabo futhi basebenze ngokuzikha­ndla ukuqinisek­isa ukuthi kunozinzo embonini nezimoto zabo zisesimeni esifanele ukuthutha umphakathi.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa