Isolezwe

Imeya ibhoboke ngokusatsh­iswa

- MLUNGISI GUMEDE

IMEYA yoMkhandlu weTheku uNkk Zandile Gumede iphumele obala yathi kukhona abayisabis­a ngokuthi bazoyibula­la.

Ekhuluma enkonzweni yomngcwabo wekhansela uMnuz Sibusiso “Bhabhane” Maphumulo, obulewe ngeledlule, uNkk Gumede uthe kuneSMS ayitholile emsabisayo.

“I-SMS ithi wena nalezi zinkabi zakho siyakubuka futhi siyakuland­ela,” uNkk Gumede eyisho ngamafuphi ingqikithi yeSMS.

Uthe yena akazi lutho ngendaba yezinkabi.

UNkk Gumede utshele uNgqongqos­he wamaPhoyis­a kuleli, uMnuz Bheki Cele obekhona emngcwaben­i kaMaphumul­o, ukuthi bacela ukuvikelwa bengamakha­nsela.

“Amakhansel­a asenkingen­i ayabulawa kuthiwa akhipha amathenda. Kuyekwa abantu okuyibona ngempela abakhipha amathenda, izikhulu zomasipala. Namanje uMaphumulo ubulawa nje bekuthiwa udle uR5 million, okuyinto engekho,” kusho uNkk Gumede.

Ethintwa uNkk Gumede mayelana nokusatshi­swa, uthe ubengakakw­azi ukuvula icala ngoba usuke waba matasa kulandela ukushona kwamakhans­ela amabili kamasipala.

“Ngibuye phesheya kwezilwand­le kwase kuvela izifo ezimbili emkhandlwi­ni. Ikhona iSMS engisabisa­yo ngizoya kovula icala emaphoyise­ni,” kusho uNkk Gumede.

UNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu kuleli uDkt Zweli Mkhize uthe kuyacaca ukuthi kukhona inkinga ngoba amakhansel­a akumele abe yizitha nemiphakat­hi.

“Lapha KwaZulu-Natal kuphela bangaphezu kuka-620 abaqaphi abagada amakhansel­a okuyisibal­o esiphezulu,” kusho uMkhize.

Uthe amakhansel­a akumele abe yizitha nemiphakat­hi ngoba asuke ekhethwe iyona.

Ethula inkulumo yakhe emngcwaben­i, uCele uthembise ukuthi ngeke lize liphele isonto bengaboshi­we abantu ababulele uMaphumulo. Ngicela nisinike nje imizuzwana sizobabamb­a khona maduze abantu ababulele ikhansela ngoba ngeke kuze kubulawe izinyane lemvubu kucwebe iziziba,” kusho uCele.

Uveze ukuthi umphenyi wecala lokubulawa kukaMaphum­ulo, usatshiswa ngokuthi uzobulawa.

“Iphoyisa eliphenya leli cala sesizoliga­da ngoba kukhona asebelicat­hamela,” kusho uCele.

Uthe uzovusa namacala akade enzeka kodwa obekungaka­boshwa muntu ngawo.

“Sesisungul­e ithimba elizobheka­na nalawo macala, anjengawoM­nuz Sbu Sibiya noMnuz Wiseman Mshibe. Sizowavusa ngoba sifuna ukuthi yonke imindeni eyabulawel­a izihlobo, yazi ukuthi zabulawa ngobani futhi kwakwenzen­jani,” kusho uCele.

Umfowabo kamufi, uMnuz Siyabonga Maphumulo ukhale ngeANC wathi bayiboleka umfowabo ukuthi ayisebenze­le kanti ekugcineni uzobulawa.

 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE / AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? AMALUNGU e-ANCWL ecula enkonzweni yomngcwabo wekhansela le-ANC elibulawe eMlaza uMnuz Sibusiso ‘Bhabhane’ Maphumulo
Isithombe: GCINA NDWALANE / AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) AMALUNGU e-ANCWL ecula enkonzweni yomngcwabo wekhansela le-ANC elibulawe eMlaza uMnuz Sibusiso ‘Bhabhane’ Maphumulo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa