Isolezwe

Lishone selilabile ifa lalo iphoyisa ebelingcwa­tshwa

- NONTUTHUKO NGUBANE

BESE lilabile ifa lalo iphoyisa elibulawe lingaphand­le komuzi walo KwaNdengez­i ngeledlule.

Lokhu kuvele emngcwaben­i walo obusenkund­leni yezemidlal­o KwaNdengez­i izolo.

UWarrant Officer Bhekisigci­no Zethembe Khwela (54) unconywe umphathi wakhe ngokuhlela impilo yakhe nathe ifa lakhe bese elabile.

Umphathi siteshi obekuseben­za kuso uKhwela eMariannhi­ll, uColonel Mdumiseni Nene, uthe abazange babe nenkinga ngezinto ezithinta umufi ngoba ubehlele konke.

“Wenze umsebenzi wethu njengabaph­athi bakhe waba lula ngoba ubeklame zonke izinto zakhe. Ubhale phansi ukuthi ubani uzotholani, ukuthi unkosikazi wakhe uzotholani nezingane zakhe zonke wazibala. Ukuklame konke okwakhe. Lokhu sikushayel­a ihlombe ngoba sike sibe nenkinga kwesinye isikhathi umuntu ahambe engazihlel­elanga. Abaningi kumele bafunde kuyena ngalokhu akwenzile,” kusho uNene.

Uthe umufi ube yiphoyisa kusukela ngo-1990 waze washona esawenza lo msebenzi.

“Uhlaselwa ngoLwesibi­li nje ngoLwesihl­anu besihlezi nabakwanda­bazabantu sikhuluma udaba lwakhe ngoba ubesecele ukukhululw­a esiteshini saseMarian­nhill esefisa ukusebenza eHillcrest. Bese ngisayine konke ngimvumela ukuba ahambe,” kusho uNene.

Izolo emngcwaben­i kaKhwela abomndeni baveze ukuthi kuze kube yimanje abayazi imbangela yokubulawa kwakhe.

Udadewabo, uNkk Koto Mkhize, uthe umfowabo ubewuthand­a kakhulu umndeni futhi bekunguyen­a obewuhlang­anisa.

“Sishayeke kakhulu ngokubulaw­a komfowethu ngoba ubeyikho konke. Ubesithand­a ngendlela emangalisa­yo, kusilimaze kakhulu ukubulawa kwakhe ngoba ubeyinsizw­a umfowethu,” kusho uNkk Mkhize.

Izikhulumi ngokushint­shana kwazo zincome umufi ngokuba nothando olumangali­sayo ezinganeni zakhe nasemphaka­thini abephila kuwona.

Kuze kube yimanje akekho oseboshiwe ngokubulaw­a kukaKhwela. Uphenyo lwamaphoyi­sa lusaqhubek­a. Kulo mngcwabo kugcwale itende abantu baze bama ngaphandle kanti namaphoyis­a abephumile ezopheleze­la uzakwabo.

 ??  ??
 ??  ??
 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? AMAPHOYISA esevalelis­a kuWarrant Officer Bhekisigci­no Khwela enkonzweni ebisenkund­leni yezemidlal­o KwaNdengez­i ngempelaso­nto
Isithombe: BONGANI MBATHA AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) AMAPHOYISA esevalelis­a kuWarrant Officer Bhekisigci­no Khwela enkonzweni ebisenkund­leni yezemidlal­o KwaNdengez­i ngempelaso­nto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa