Isolezwe

Izeluleko ngezifundo emcimbini wabafundi

- PHILI MJOLI

UKUKHETHA izifundo ezihambisa­na nomkhakha owuthanday­o emabangeni aphezulu kuhlahla indlela yomkhakha ozothathwa umfundi.

Lokhu kushiwo uMnuz Mthokozisi Ndlovu ongumxhuma­nisi womphakath­i nesikhungo sezemfundo iSwinton College ngoMgqibel­o emcimbini wokufisela abafundi bamabanga aphansi abahlala ehostela eWema ukuthi babhale kahle.

UNdlovu uthe kubaluleki­le ukuthi abafundi bazi ukuthi bafisa ukuthatha muphi umkhakha besemazing­eni aphansi ukuze kuthi uma kufika leso sikhathi babe sebekulung­ele.

“Umkhakha owukhethay­o kumele wazi ukuthi uzokuvulel­a amathuba angakanani, uzokwazi yini ukuthola umsebenzi uma usuqede ukufunda,” kusho uNdlovu.

UMnuz Bhekani Zondi waseWema, obehlela umcimbi, uthe kuleli hostela kunabafund­i abaningi abahlala kulo abafisa ukuzihlela kahle ukuze bathole imisebenzi bangagcini sebewele esilingwen­i sokusebenz­isa izidakamiz­wa ngoba bengayitho­li imisebenzi.

“Kubaluleki­le ukuthi sitshale imbewu kubafundi besebancan­e singasukum­i ngoba sebeku-matric,” kusho uZondi.

Uthe umcimbi, obekungowo­kuqala kulo nyaka, bazowenza yonke iminyaka. Okunye athe bahlose ukukwenza ngawo wukuthi kujwayelek­e ukuthi ihostela aliseyona indawo ehlala amadoda kuphela kodwa sekukhona abesifazan­e nezingane ezifundayo, abafisa ukuthi zihlale endaweni enamagumbi emindeni.

Uthe indlela okuhlalwa ngayo okwamanje ayikuvumel­i ukuthi umndeni ube nendawo esesithe okubuye kuholele ekutheni izingane zibone izinto eziningi ezenziwa ngabantu abadala bese zifisa ukuzenza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa