Isolezwe

‘Sizoya ngenkani emaphoyise­ni’

- KHETHA SANGWENI

IFUNGA iyagomela iDA ithi izoya ngenkani eziteshini zamaphoyis­a iyohlola ukusebenza kwazo nakuba sekuphume incwadi evimba amaqembu ezepolitik­i ukuba agasele eziteshini zaKwaZuluN­atal engacelile.

IBamba likaKhomis­hana wamaphoyis­a eKZN, uLieutenan­t General Nhlanhla Mkhwanazi, lisanda kukhipha incwadi evuthayo ethi akekho usopolitik­i ovunyelwe ukufuhlele­ka esiteshini engacelang­a, afike apekequle afune namabhuku ezimali. Lokhu kungenxa yokugasela kweDA eziteshini ezehlukene ithi izohlola isimo.

Encwadini uMkhwanazi uthi akukhathal­ekile noma ngabe yiliphi iqembu elifikayo alingemuke­lwa futhi linganikwa lutho elikufunay­o. Udaba lucasule iDA yaze yalanda umholi wayo kuzwelonke, uMnuz Mmusi Maimane, obeseThekw­ini ngoMgqibel­o, ezophikisa incwadi ekomkhulu lamaphoyis­a esifundazw­eni. Ufike ehambisana nomholi waKwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, bayihlaba bayihlikiz­a indaba yencwadi kaMkhwanaz­i bathi ishaye eceleni. UMaimane uthe banelungel­o elisemthet­hweni lokugasela eziteshini ngoba bamele abantu.

‘’Lowo okhiphe incwadi angazosijw­ayela kabi asiyingeni indaba yayo. Umbhedo wani lowo awushoyo. Le nto iphambene nomthetho futhi thina sifuna ukubambisa­na namaphoyis­a hhayi ngoba silwa nawo. Sifuna ukwazi ukuthi yini le efihlwayo eziteshini abangafuni siyibone,’’ kusho uMaimane enanelwa yihlombe labalandel­i beDA. Uthe amaphoyisa awakwazi ukuzenzela umathanda engagadwe muntu futhi amalungu eSishayamt­hetho abekelwe lokho ukugada ukusebenza kwezikhung­o zomphakath­i.

“Ngingama kanjani nje ePhalamend­e ngitshele izwe ukuthi angikwazi ukuyohlola isimo esiteshini esithile? Bazothini abantu uma bezwa leyo nto njengoba bethembele kithina. Uke ufike esiteshini ubone ukuthi amaphoyisa awazi lutho kuduma upotiyane uma uwabuza,’’ kusho uMaimane.

Uthe banika uMnyango wezokuThut­ha nokuPhepha koMphakath­i KwaZuluNat­al izinsuku eziwu14 ukuba uphendule esikhalwen­i sabo. Isithunywa ebesivela emnyangwen­i simukele incwadi sathi sizoyedlul­isela kuMnuz Mxolisi Kaunda onguNgqong­qoshe womnyango bese ephendula.

NoMncwango uhambe emazwini kaMaimane wathi uMkhwanazi ushaye phansi-ke ngoba bazoqala phansi ukuhambela iziteshi.

 ?? Isithombe : ZANELE ZULU ?? UMHOLI weDA, uMnuz Mmusi Maiamane, uwatshele emehlweni amaphoyisa ukuthi ngeke bayeke ukuhlola iziteshi ngoba umsebenzi wabo lowo
Isithombe : ZANELE ZULU UMHOLI weDA, uMnuz Mmusi Maiamane, uwatshele emehlweni amaphoyisa ukuthi ngeke bayeke ukuhlola iziteshi ngoba umsebenzi wabo lowo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa