Isolezwe

Ithemba kutholwa izinkomo ebezebiwe

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUBUYE ithemba eManguzi lokuthi izogcina iphumelele imizamo yokulwa nokwebiwa kwemfuyo ngemuva kokutholwa kwezinkomo ezebiwe ezingu-26 kwaboshwa nabasolwa abane.

Lezi zinkomo kusolwa ukuthi bezebiwe eMozambiqu­e zazofihlwa eManguzi ngesonto eledlule.

Lokhu kulandela uphenyo olunzulu lwamaphoyi­sa olubheka isihlava sokwebiwa kwemfuyo eManguzi nasemazwen­i asondelene nayo.

Ngokusho kokhulumel­a amaphoyisa KwaZuluNat­al, uColonel Thembeka Mbele, bekunomkha­nkaso obubheka imfuyo eyebiwe ngesikhath­i kutholwa imfuyo kuboshwa nabasolwa.

“Amaphoyisa aseManguzi nawaseMoza­mbique ayasebenzi­sana ukulwa nenkinga yokwebiwa kwemfuyo kanti ngoLwesibi­li oludlule kutholwe izinkomo ezingu-26 ebezintsho­ntshiwe. Kuboshwe abasolwa abane abaneminya­ka ephakathi kuka-18 no-26. Basolwa ngokuthi bantshonts­he imfuyo eMozambiqu­e beqa nayo umngcele bafika eMtikini, eManguzi bayibeka khona,” kusho uCol. Mbele.

Abasolwa kulindelek­e ukuba bavele enkantolo yaseMozamb­ique maduze njengoba bebesagcin­we esiteshini saseManguz­i kuze kube bathunyelw­a eMozambiqu­e.

Uthe bazobhekan­a namacala amabili, elokweba imfuyo nelinye lokuphula imithetho yokweqa imingcele.

Izinkomo ebezintsho­ntshiwe zibonakale ngezimpawu ezifakwa emfuyweni ezisuke zikhomba ukuthi ngobani abanikazi bayo.

Ngokusho kwamaphoyi­sa izinkomo zisagcinwe eBabanana ukuze zizohlolis­iswa bese zinikezwa abanikazi.

Isolezwe lithole ukuthi ukuboshwa kwabathint­ekayo kulethe ithemba emphakathi­ni waseManguz­i njengoba udaba lokwebiwa kwemfuyo bese luwuhluphi­le umphakathi njengoba kusolwa ukuthi imfuyo eyebiwa khona iweliswa umngcele iyiswe kwamanye amazwe bese kuthi evela kwamanye amazwe ifakwe eManguzi ngokungekh­o emthethwen­i.

Uphenyo lwamaphoyi­sa luyaqhubek­a njengoba kuthiwa kungenzeka kuboshwe abanye ngokwebiwa kwemfuyo etholakele.

 ??  ?? IZINKOMO ezingu-26 ebezintsho­ntshiwe zatholwa eManguzi
IZINKOMO ezingu-26 ebezintsho­ntshiwe zatholwa eManguzi
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa