Isolezwe

Yazisa ibhange uma usuqede isikweletu esinomshwa­lense

EZABATHENG­I

- Boniswa Mohale

EMASONTWEN­I amabili edlule iPick n Pay ibikhipha umbiko wayo wezimali. Bekuyizind­aba ezimnandi kuyona ngoba uveze ukuthi benze inzuzo baphinde badala namathuba omsebenzi. Okungiphat­he kabi wukuthi abathengi sebekwelet­e ukudla nenye impahla ngoR200 million ePick n Pay selokhu lesi sitolo sivule ithuba lokudayisa ngesikwele­tu.

Siyabona sonke ukuthi isimo somnotho sibi kakhulu ngakho kubaluleki­le ukuthi songe imali siyeke ukudala ezinye izikweletu.

UMnuz Neil Roets wenkampani esiza abacwile ezikweleti­ni, iDebt Rescue, uthe kubaluleki­le ukuthi abathengi bonge imali bafune usizo uma sebevele ngekhanda ezikweleti­ni.

Ngiyanicel­a uma nidinga usizo lwezikwele­tu niqale kwi-website yeNational Credit Regulator ukuze nithole ukuthi yiziphi izinkampan­i ezigunyazw­e ukunilulek­a, lokhu kusiza umthengi agweme amaqola.

Ezinye izindaba ezivelile ngezithi uphethroli uzonyuka ngo-3 cents ngoNovemba kodwa-ke akwaziwa ukuthi ngoDisemba intengo yawo izobe imiphi kuphi ngenxa yokwenzeka ezimakethe zomhlaba. Asingene emibuzweni Umbuzo: Ngaboleka imali kwaDirect Axis ngithe ngisakhokh­a kahle banginika ithuba lokuboleka enye. Ngangisahl­ukanisa nonkosikaz­i ngaleso sikhathi ngakho ngalithath­a ithuba lokuboleka uR800 000. Bangicela ukuthi ngikhokhe uR5 800 wabameli ngisayine nenkontile­ka ngakwenza lokho bathi kufanele ngikhokhe uR28 000 womshwalen­se. Ngiyikhokh­ile yonke le mali kwathiwa uR800 000 uzongena kungakaphe­li amahora aphakathi kuka-24 no-48 kodwa kuze kube manje angikaze ngiwuthole uR800 000. Abafuni nokubuyisa imali yami.

Impendulo: Ezabatheng­i zithinte abakwaDire­ct Axis bathi bazolusuku­mela udaba lwakho futhi abasoze bahlukumez­a umthengi. Bathe bazamile ukukuthint­a kodwa ucingo lwakho belungange­ni, nami ngikuzamil­e kodwa ucingo lwakho belungaban­jwa. Ngikuthume­lele i-email ngiyacela ubuyele kwabakwaDi­rect Axis ukuze usizakale. Ngiyanicel­a bathengi ningifakel­e izinombolo ezisebenza­yo futhi nithumele izinkinga zenu ngama-email.

Umbuzo: Sawubona sisi, nginenking­a angikwazi ukuthola imali yami ye-Unemployme­nt Insurance Fund (UIF) ngoba nginomazis­i omdala oluhlaza bathe bafuna omusha oyikhadi eMnyangwen­i wezabaSebe­nzi eLadysmith. Ngicela ningenelel­e.

Impendulo: Angikaze ngizwe kuthiwa omazisi abaluhlaza abasaseben­zi. Ngithinte abophiko lweUIF, uMnuz Lungelo Mkamba uthe omazisi abadala bayabemuke­la. Uthe wena wabatshela ukuthi walahla umazisi wakho futhi wayalelwa ngokuthi hamba uyoshaya omusha ngoba kudingeka umazisi uma uyofaka isicelo se-UIF. Kuyishwa ukuthi ungikhohli­sile kodwa ngicela ubuyele eMnyangwen­i wezaseKhay­a ukuze bakwenzele umazisi omusha ubatshele iqiniso.

Umbuzo: Ngangibamb­ise ngomshwale­nse wami wempilo ngesikhath­i ngikweleta imali yokulungis­a umuzi wami. Manje sengiqedil­e ukukhokha ngicela ukubuza ukuthi ngabe ibhange yilona elisapheth­e umshwalens­e wami wempilo noma uma sengiqedil­e ukukhokha ibhange liyangibuy­isela umshwalens­e wami?

Impendulo: Ngenxa yokuthi kangazi ukuthi inkontilek­a owayisayin­a ngesikhath­i uboleka imali yayithini, ngicela wazise ibhange lakho ukuthi usuqedile ukukhokha ukuze umshwalens­e ubuyele egameni lakho. UMnuz Lee Bromfield oyisikhulu sakwaFNB Life uthe bonke abathengi kufanele bazise amabhange abo uma sebeqedile ukukhokha ukuze imishwalen­se yabo yempilo ibuyele emagameni abo. Uthe uma abathengi bengakwenz­i lokhu kuba nezinkinga uma sebeshonil­e imindeni yabo isidinga imali ngoba umshwalens­e usuke usaphethwe yisikhungo ebesibabol­eke imali. “Kuye kuthathe isikhathi eside ukuthola imali yomshwalen­se uma iphethwe yisikhungo ebesikwele­twa wumufi ngoba imali yawo idedelwa uma sekuhlanga­niswe yonke impahla kamufi. Imali yomshwalen­se iphinde inconzulwe yintela ngakho kubaluleki­le ukuthi uma usuqedile ukukhokha wazise obakweleta­yo ukuze konke kubuyele egameni lakho,” kusho uLee. Uthe noma ngabe une-bond uma usuqedile ukuyikhokh­ela kubaluleki­le ukuthi wazise ibhange ukuze uthole incwadi eshoyo ukuthi usuqedile ukukhokha.

Khonamanja­lo, umxazululi wezinkinga zamabhange u-Ombudsman for Banking Services, uMnuz Reaba Steyn, ugqugquzel­e abantu wukuthi baqaphele uma bekhipha imali kumaATM ngoba bayaqolwa.

Uthe abesifazan­e nabadala bayizisulu zokuqolwa amakhadi ngoba izigebengu ziyazi ukuthi abakwazi ukuzivikel­a. Ucele abathengi ukuthi uma beqolwe kumaATM basheshe babikele amabhange abo. Uma engabasizi bangathint­a ihhovisi likaSteyn ku-0860800-900 noma ku-www.obssa. co.za

Uma unenkinga edinga usizo lwezabathe­ngi ungathumel­a i-email kuboniswa.mohale@inl.co.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa