Isolezwe

Ufuna izinkakha kowokucija iBafana Bafana

- NDUDUZO DLADLA

AKAYIZWA eyokuzitsh­wa kwezinkakh­a ekucijeni iqembu lesizwe iBafana Bafana, uBenni McCarthy, opheka iCape Town City FC.

Sekuyinto ejwayeleki­le noma eyandile emhlabeni jikelele ukuthi abadlali abebegijim­ela iqembu lesizwe banikwe ithuba, bathenjwe ngokuhola iqembu lesizwe lalapho besuke bedabuka khona.

Isibonelo salokhu wukuthi u-Andriy Shevchenko uqeqesha i-Ukraine okuyizwe lakubo, uRyan Giggs upheka iWales yakubo, uStephen Keshi (ongasekho) ubepheka iNigeria yakwabo. Abanye abaqeqeshi abasanda kuyeka ibhola eminyakeni embalwa edlule asebengaba­qeqeshi nguClarenc­e Seedorf opheka iNigeria, Steven Gerrard opheka iRangers yaseScotla­nd noFrank Lampard ocija iDerby County edlala kwiChampio­nship e-England.

Iningi lalaba baqeqeshi belidlala ngesikhath­i esisodwa noMcCarthy nezinye izinkakha ezenze kahle kwiBafana eminyakeni edlule. Ebuzwa yileli phephandab­a uMcCarthy ukuthi angaphathe­ka kanjani uma ezinye izinkakha (naye uqobo) zinikwa ithuba kwiBafana, uphendule kanje: “Angifuni ukukhuluma ngezinking­a zeSafa (ehleka). Nokho sekuyinto eyenziwayo njengamanj­e emhlabeni ukuthi abaqeqeshi abasebasha banikwe ithuba. Ngingabala uRyan Giggs nabanye abaningi. Ngiyaye ngizibuze ukuthi kungani enganikwa ithuba uShaun Bartlett, yini kunganikwa u-Andre Arendse, noma kunikwe umuntu osedlale kwiBafana ezingeni eliphezulu?”

Ngokusho kukaMcCart­hy, (obefa yinsini), yena uzibona esemncane kakhulu ukuthi anganikwa lesi sikhundla sokucija iBafana okwamanje.

“Kule minyaka enginayo ewu-40 kungasho ukuthi kufanele ukuthi ngishone ngingcwats­hwe isikhathi singakafik­i, okwamanje ngisazixak­elwe izinkinga zami lapha kwiCape Town City,” kusho uMcCarthy ehleka. Phakathi kwezinkakh­a ezisebenze­la iSouth African Football Associatio­n (Safa), singabala uHelman “Ncane” Mkhalele osezinhlak­eni zokuqeqesh­a ezinkulise­ni, Neil “Mkhukhu” Tovey oyiTechnic­al Director, Aaron “Mbazo” Mokoena osehhovisi lemenenja yeBafana noBartlett oyiphini lomqeqeshi weBafana uStuart Baxter (noma kuseyitoho lesikhasha­na).

Ngesikhath­i uMcCarthy enqoba isicoco seMTN8 neCity ngenyanga edlule waveza ukuthi unethemba lokuthi ukunqoba kwakhe lesi sicoco njengomqeq­eshi osemncane kuzovulela abaqeqeshi abancane ithuba njengoba benganakwa ngenxa yokushoda ngesipiliy­oni.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UBENNI McCarthy uthi kumele kunikwe izinkakha zebhola zakuleli ekuphekeni iqembu lesizwe iBafana Bafana
Isithombe: BACKPAGEPI­X UBENNI McCarthy uthi kumele kunikwe izinkakha zebhola zakuleli ekuphekeni iqembu lesizwe iBafana Bafana
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa