Isolezwe

Kubuya indodana yolahleko kwikhiliki­thi

- NDUDUZO DLADLA

KUBUYA indodana yolahleko kwikhiliki­thi yakuleli eshiye ikhala ngokubukel­wa phansi eqenjini lesizwe amaProteas.

UKyle Abbott uzophinde abonakale egijima kuleli ngemuva kweminyaka emibili edlala phesheya kwezilwand­le kwiHampshi­re yase-England, kwiCounty Cricket.

U-Abbott ongowokuza­lwa eMpangeni, KwaZulu-Natal, uzogijimel­a iDurban Heat ezoyibamba kwiMzansi Super League T20, okuwumqhud­elwano omusha wekhilikit­hi kuleli ozoqala maphakathi nenyanga ezayo.

Lo mqhudelwan­o uzodlalwa ngamaqembu ayisithuph­a, aqhamuka ezifundazw­eni ezahlukene. U-Abbott uthi uyakuthoko­zela ukubuya ezodlala ikhilikhit­hi kuleli, ikakhuluka­zi ukubonwa ngabantu baseThekwi­ni, athi ubathanda ngenhliziy­o yakhe yonke.

“Ngijabule kakhulu ngokuba yingxenye yalo mqhudelwan­o oyingqopha­mlando. Ngihleze ngikuthoko­zela ukudlala eKingsmead, akusavumi ngilinde ukudlala phambi kwezihlwel­e zaseThekwi­ni,” usho kanje u-Abbott.

Ngesikhath­i kwethulwa iqembu laKwaZulu-Natal, iDurban Heat ngoLwesihl­anu eThekwini, isikhulu esiphezulu kwiHollywo­odbets Dolphins, uHeinrich Strydom, siveze ukuthi sijabule ngesibalo sabadlali abagijima kwiDolphin­s abayingxen­ye yalo mqhudelwan­o.

“Besithukil­e ukuthi ngabe iqembu lizoma kanjani kodwa sijabule ngendlela eligcine likhethwe ngayo. Besivele sinesifiso sokuthi sibe nabadlali abaningi baKwaZulu-Natal, bese sigcwalise­la ngalabo abambalwa abaqhamuka kwezinye izifundazw­e. Kuyajabuli­sa ukuthi iDolphins izoba nabadlali abayisishi­yagalombil­i, abazoba yingxenye yeqembu iDurban Heat,” sisho kanje lesi sikhulu.

IDurban Heat izoqeqeshw­a umqeqeshi weDolphins uGrant Morgan. Umdlalo wokuqala weHeat, izowudlala neCape Town Blitz, eKingsmead ngoNovemba 18.

Sebebonke abadlali beDurban Heat:

Hashim Amla (ongukapute­ni), Rashid Khan, David Miller, Heinrich Klaasen, Kyle Abbott, Keshav Maharaj, Khaya Zondo, Albie Morkel, Marchant de Lange, Vernon Philander, Brandon Mavuta, Temba Bavuma, Morné van Wyk, Okuhle Cele, Sarel Erwee noTladi Bokako

 ??  ?? KYLE ABBOTT
KYLE ABBOTT
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa