USolinas uxolisile ezakhe zishaywa
UZEHLISILE wacela uxolo kubalandeli umqeqeshi weKaizer Chiefs,uGiovanni Solinas, ezakhe ziqeda umdlalo ka-10 zihluleka wukuhlula i-Orlando Pirates emdlaweni we-Absa Premiership eFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibelo.
IChiefs ikhale ngaphansi kwiPirates ngo 2-1 ikade ibekwe phambili nguKhama Billiat. AwePirates ashaywe ngu-Innocent Maela noVincent Pule esiwombeni sokuqala.
Abalandeli baMakhosi, abebekade bephume ngobuningi, bebesebezitshelile ukuthi liyaphela ishobolo lokuhlulwa yiPirates kodwa izinto zaphenduka kungakapheli nemizuzu emingaki. Amakhosi ahluleka ukuvikela igoli lawo noma ukushaya elesibili.
“Siwuqale kahle umdlalo, sashaya igoli, sahamba phambili ngo 1-0. Emuva kwalokho sahuqa ubuthongo, savula izikhala. Sivele sathamba emuva. Esiwombeni sesibili abafana bami badlale kahle kakhulu. Sakhe amathuba. Ngicabanga ukuthi umdlalo ubukade ulingana. Asiwuphathanga nePirates ayiwuphathanga. Ngiyayibongela iPirates ngokuwina lo mdlalo wabakhaya,” kusho uSolinas.
“Ngiyaxolisa kubalandeli ngoba ukuhlulwa komkhaya kubuhlungu. Abadlali bazamile nangemizuzu yokugcina ukushaya igoli lokulinganisa ukuze singahlulwa. Kodwa yibhola leli. Manje sekufanele sithole ukuthi kungani sihuqe ubuthongo emuva kokushaya igoli. Bekufanele siqhubeke nokudlala ngoba siyazi ukuthi kowomkhaya imininingwane emincane yenza umehluko. Kodwa kulungile, sifundile kulo mdlalo womkhaya. Kudingeka sizilungise ngokomqondo sazi ukuthi siyiKaizer Chiefs futhi sidinga ukuthi kuhlale emqondweni wethu ukuba abanqobi.” Ngaphandle kokuncisha into abalandeli ezobajabulisa, Amakhosi alahlekelwe yithuba lokunyuka kwi-log yePremiership. IChiefs iyoze idlale oweligi ngoNovemba 7 uma isibhekene neBlack Leopards eFNB Stadium. Amakhosi asanda kuyikhipha kwiTelkom Knockout iLeopards.
“Leli yibhola, yimpilo, kufanele siqhubekele phambili. NgoMgqibelo sinomunye umdlalo, kufanele sikhohlwe owomkhaya. Kubuhlungu. Ngiyaxolisa kubalandeli. Kodwa impilo iyaqhubeka. Iligi ayikapheli. Sizoqhubeka nokulwa, sizame ukuwina eminye imidlalo ukuze sibeke iChiefs endaweni ekahle kwi-log. Emdlalweni odlule, asiwaqoqanga amaphuzu. Sihlulwe yiPolokwane, manje sesihlulwa kowabakhaya. Lokho akukuhle kodwa siqhubekela phambili. Iligi ayikapheli. Iligi izophela ngoMeyi. Sidinga ukubamba umgqigqo,” kusho uSolinas.
Ngempelasonto iqembu lakhe lizobhekana neSuperSport United kwi-quarterfinal yeTelkom Knockout.