I-Ajax kumele ibhukule: Ertugral
KUZOMELE ibhukule i-Ajax Cape Town uma izimisele ukujabulisa izikhulu zayo zase-Amsterdam ngokubuyela esigabeni esikhulu i-Absa Premiership.
Lokhu kushiwo wumqeqeshi we-Urban Warriors, uMuhsin Ertugral, ngemuva kokuhlulwa Uthongathi FC emdlalweni weNational First Division (NFD) ngempelasonto.
Ezika-Ertugral ziguqe ngo 1-0 emdlalweni obusePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoMgqibelo ntambama. Igoli loThongathi lishaywe nguPule Mmodi esiwombeni sesibili.
“Kusemqoka ukuthi sikhuphuke. Awamaningi amaqembu ase-Afrika asebenzisana namaqembu amakhulu njenge-Ajax Amsterdam. Lobu budlelwano busemqoka kwi-Amsterdam. Kumele sisebenzele ekutheni silibeke kahle igama labo. Ngakho ayikho enye indlela kumele silwe,” kusho u-Ertugral.
Iqembu laKwaZuluNatal yilona ebeliwuphethe umdlalo.
Emdlalweni owandulela owoThongani i-Ajax ibanjwe yiqembu elihleli emsileni Ubuntu Cape Town ngo 0-0.
Ngokuhluleka wukuwina ezika-Ertugral sezehlele endaweni yesithupha kwi-log ngamaphuzu awu-14.
“Siqoqe iphuzu elilodwa emidlalweni emibili obekulindeleke ukuthi siyinqobe. Sesidlale imidlalo eyisithupha ekuhambeni kweyisishiyagalolunye kodwa lokho ngeke sicashe ngakho. Inkundla ibiyinhle, onompempe bewuphethe kahle umdlalo. Yithina nje okufana nokuthi asifikanga emdlalweni,” kusho u-Ertugral.
“Kasinaso isikwati esikhulu, sinabadlali abasebancane kodwa kumele imiqondo yabo ibe kwiNFD njengoba benzile kwiPSL (Premiership). Ngeke uphumelele lapha uma ungancintisani nabanye. Sifuna ukudlala ibhola elihle kodwa iligi ngeke uyinqobe ngokudlala ibhola elihle, kumele silwe,” kusho u-Ertugral.
Emdlalweni olandelayo i-Ajax izokwamukela iReal Kings eCape Town Stadium ngoMgqibelo ngo3.30 ntambama.
IKings idedele amaphuzu ivumela iRichards Bay ibuye emdlalweni ogcine uphele ngo 1-1.
“Ukuthola enye into ngaphandle kokunqoba kuzobe kunganele.”
Uthe usazimisele ngokuqhubeka ekuqeqeshi i-Ajax yize kungelula kwiNFD.
Imiphumela yangempelasonto uNFD:
Stellenbosch 1-1 Tshakhuma; Witbank 0-0 TS Sporting; Uthongathi 1-0 Ajax; Mbombela United 2-0 Jomo Cosmos; Real Kings 1-1 Richards Bay; Pretoria 2- 0 Ubuntu; TS Galaxy 1 - 0 Maccabi FC; Cape Umoya 0 - 1 Royal Eagles.