Isolezwe

UMicho uqagele ikusasa likaMokwen­a

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uMilutin “Micho” Sredojevic, ubona iphini lakhe uRulani Mokwena kuyilona eliyohola eZimnyama lizifake “ezweni lesethembi­so”.

NjengoMose eBhayibhel­ini, owajutshwa ukuba ahole isizwe sakwaIsrae­l eyosifaka eKhenani, wagcina ngokuyibuk­a, abantwana bakwaIsrea­l bangena ezweni lesethembi­so sebeholwa uJoshuwa owayebatsh­azwa ubuhlakani.

USredojevi­c uthe ukuhlula iKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiershi­p eFNB Stadium ngoMgqibel­o, kuyigxathu elibalulek­ile ekwakheni iqembu elinokuzet­hemba emkhankasw­eni wokubuyisa injabulo kwiPirates. EZimnyama zinqobe ngo 2-1 wamagoli ka-Innocent Maela noVincent Pule. IChiefs ibikade ibekwe phambili nguKhama Billiat.

UMicho ubuye eMzansi ekuqaleni kwesizini edlule emuva kokuthi iPirates ihluleke wukungena kwi-Top8 ngesizini eyandulela leyo. Esithangam­ini nabezindab­a emuva kowabakhay­a uMicho, ufane nomphrofet­hi eqagela ngekusasa likaMokwen­a ethi uyena ozohlala kwiPirates njengowaye­ngumqeqesh­i weManchest­er United, uSir Alex Ferguson oqeqeshe leli qembu iminyaka ewu-27.

Yize engazange ambize ngegama kodwa bekucaca ukuthi ukhuluma ngoMokwena.

“Leli yiqembu elibe likhulu kusuka ngo-1937. IPirates izoqhubeka ngami, futhi iPirates izoqhubeka kakhulu emuva kwami. Ngibusisiw­e futhi nginenhlan­hla ngokuba kulesi sikhundla. Angifuni ukucabanga ngidlule emdlalweni olandelayo. Kodwa emuva kwami kunomuntu engikholwa wukuthi ngelinye ilanga, njengomjah­o we-relay kwezokusub­atha, ngiyomnike­za induku aqhubeke. Futhi uyohlala isikhathi eside njengoSir Alex Ferguson. Ngeke ngisho ukuthi ubani kodwa ningaqagel­a. Kuhle ukubona ukuthi siyasebenz­a, uyakhula. Ngiyaziqhe­nya ngokuthi uyakhula futhi ngizizwa ngikhethek­ile ngokuseben­za naye,” kusho uMicho. Emdlalweni wabakhaya, iPirates ikhombise ukungadiki­bali ngisho unozinti weChiefs, u-Itumeleng Khune esevimbe iphenathi. USredojevi­c uncome abadlali bakhe ngokuqhube­ka nokulwa.

“Emizuzwini engu-20 kuya kwengu-25 iChiefs kade ingaphezu kwethu, yashaya igoli elisivuse emaqandeni. Sathola iphenathi uKhune wayibamba. Lokhu kunike iChiefs okukhulu ukuzethemb­a. Bekufanele silwe kakhulu. Konke ebesikade sikuhlelil­e kuhambe kahle. Ngibonga abadlali ngokungabh­ocobali emuva kokuhlulwa yiphenathi.

LNgibonga ithimba labaqeqesh­i ikakhuluka­zi uRulani okhulume inkulumo ehunyushwe njengokung­ahloniphi izimbangi ekubeni kungenjalo. Kuyingxeny­e yomdlalo. Ingagqugqu­zela izimbangi ukuthi zize kithina. Emuva kokuhlulwa yiphenathi bekungelul­a kodwa uMdali ubenohlelo ngathi. Wonke umdlalo ubalulekil­e, asinalo ilungelo lokujabula kuze kweqe,” kusho uMicho.

Emdlalweni olandelayo iPirates izobhekana naMaZulu FC kuma-quarterfin­al eTelkom Knockout ngempelaso­nto.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI we-Orlando Pirates u-Innocent Maela ejabula nozakwabo ngemuva kokushaya igoli lokulingan­isa ngesikhath­i bebhekene neKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiershi­p eFNB Stadium ngoMgqibel­o ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI we-Orlando Pirates u-Innocent Maela ejabula nozakwabo ngemuva kokushaya igoli lokulingan­isa ngesikhath­i bebhekene neKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiershi­p eFNB Stadium ngoMgqibel­o ntambama
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa