Ufuna izinkakha kowokucija iBafana Bafana
AKAYIZWA eyokuzitshwa kwezinkakha ekucijeni iqembu lesizwe iBafana Bafana, uBenni McCarthy, opheka iCape Town City FC.
Sekuyinto ejwayelekile noma eyandile emhlabeni jikelele ukuthi abadlali abebegijimela iqembu lesizwe banikwe ithuba, bathenjwe ngokuhola iqembu lesizwe lalapho besuke bedabuka khona.
Isibonelo salokhu wukuthi u-Andriy Shevchenko uqeqesha i-Ukraine okuyizwe lakubo, uRyan Giggs upheka iWales yakubo, uStephen Keshi (ongasekho) ubepheka iNigeria yakwabo. Abanye abaqeqeshi abasanda kuyeka ibhola eminyakeni embalwa edlule asebengabaqeqeshi nguClarence Seedorf opheka iNigeria, Steven Gerrard opheka iRangers yaseScotland noFrank Lampard ocija iDerby County edlala kwiChampionship e-England.
Iningi lalaba baqeqeshi belidlala ngesikhathi esisodwa noMcCarthy nezinye izinkakha ezenze kahle kwiBafana eminyakeni edlule. Ebuzwa yileli phephandaba uMcCarthy ukuthi angaphatheka kanjani uma ezinye izinkakha (naye uqobo) zinikwa ithuba kwiBafana, uphendule kanje: “Angifuni ukukhuluma ngezinkinga zeSafa (ehleka). Nokho sekuyinto eyenziwayo njengamanje emhlabeni ukuthi abaqeqeshi abasebasha banikwe ithuba. Ngingabala uRyan Giggs nabanye abaningi. Ngiyaye ngizibuze ukuthi kungani enganikwa ithuba uShaun Bartlett, yini kunganikwa u-Andre Arendse, noma kunikwe umuntu osedlale kwiBafana ezingeni eliphezulu?”
Ngokusho kukaMcCarthy, (obefa yinsini), yena uzibona esemncane kakhulu ukuthi anganikwa lesi sikhundla sokucija iBafana okwamanje.
“Kule minyaka enginayo ewu-40 kungasho ukuthi kufanele ukuthi ngishone ngingcwatshwe isikhathi singakafiki, okwamanje ngisazixakelwe izinkinga zami lapha kwiCape Town City,” kusho uMcCarthy ehleka. Phakathi kwezinkakha ezisebenzela iSouth African Football Association (Safa), singabala uHelman “Ncane” Mkhalele osezinhlakeni zokuqeqesha ezinkuliseni, Neil “Mkhukhu” Tovey oyiTechnical Director, Aaron “Mbazo” Mokoena osehhovisi lemenenja yeBafana noBartlett oyiphini lomqeqeshi weBafana uStuart Baxter (noma kuseyitoho lesikhashana).
Ngesikhathi uMcCarthy enqoba isicoco seMTN8 neCity ngenyanga edlule waveza ukuthi unethemba lokuthi ukunqoba kwakhe lesi sicoco njengomqeqeshi osemncane kuzovulela abaqeqeshi abancane ithuba njengoba benganakwa ngenxa yokushoda ngesipiliyoni.