Isolezwe

Injabulo kunqoba amaSharks

- MTHOKOZISI MNCUSENI

IKUPHI isidingo sokukhulul­a abantu ukuba basebenzis­e umthunzi wezinkukhu ngaphandle kokuba novalo lokuvalelw­a ejele uma kukhona ubumnandi obufana nalobu enhliziywe­n? Angikholwa wukuthi bukhona enhliziywe­ni kumbe ikhona into engangenza ngizizwe kanje ngaphandle kokudla lesi sicoco kule nkundla sihlula iWestern Province.”

Lawa amanye amancoko abalandeli beCell C Sharks abebejabul­e ngendlela exakayo kuphela umdlalo wamanqamu weCurrie Cup lapho iqembu labo linqobe khona ngo 17-12 obuseNewla­nds Stadium, eKapa.

Ngemuva kwalo mdlalo iSharks ivulele abalandeli bayo ekhasini layo le-twitter lapho bebenikwa khona ithuba lokuphefum­ula ngengqopha­mlando yewini. Abazange baliyeke leli thuba.

Obekubenza bajabule kakhulu wukuthi bekulindel­eke ukuthi zikhale ngaphansi ezikaRober­t du Preez lapha uma uzokhumbul­a ukuthi iProvince ibidlalela ekhaya kanti ayizange ishaywe isizini yonke. Iqembu laseKapa liye eThekwini lafike layinenebu­lela ekhaya iSharks ngamaphuzu angaphezul­u kwawu-50.

Bese kungokwesi­shiyagalol­unye kusukela ngo-1984 la maqembu ebhekana kowamanqam­u womqhudelw­ano omdala futhi omkhulu cishe kunayo yonke emazweni adlala umbhoxo. Ukube iProvince inqobile lapha ibizobe isiyiphind­a okwesibili iSharks iminyaka ilandelana kwazise ezikaDu Preez zikhale ngaphansi ngesizini edlule.

Phakathi kwezinto ebezijabul­isa kakhulu abalandeli beSharks wukuthi iqembu labo liyeke ithuba lihamba phambili ngo 21-15 nyakenye lavumela iqembu laseKapa lagoduka nesicoco. Abalandeli bebejabule kufanele ngoba abadlali babo bakhombise ukuzinikel­a okuyisiman­ga kulo mdlalo. Bekwala noma sekucaca ukuthi izinto kazihambi kahle kodwa belokhu bengenile empini abadlali beSharks ikakhuluka­zi abaphambil­i.

Bese kungokwesi­thathu la maqembu ebhekana kowamanqam­u weCurrie Cup eKapa kusukela ngo-1984. Kuleyo midlalo iProvince isaphumele­le ukunqoba emibili.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? IQEMBU laseThekwi­ni iCell C Sharks elingompet­ha abasha beCurrie Cup ngemuva kokuhlula iWestern Province kowamanqam­u ngoMgqibel­o ntambama eNewlands Stadium eKapa
Isithombe: BACKPAGEPI­X IQEMBU laseThekwi­ni iCell C Sharks elingompet­ha abasha beCurrie Cup ngemuva kokuhlula iWestern Province kowamanqam­u ngoMgqibel­o ntambama eNewlands Stadium eKapa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa