Isolezwe

USolinas uxolisile ezakhe zishaywa

- ZAKHELE XABA

UZEHLISILE wacela uxolo kubalandel­i umqeqeshi weKaizer Chiefs,uGiovanni Solinas, ezakhe ziqeda umdlalo ka-10 zihluleka wukuhlula i-Orlando Pirates emdlaweni we-Absa Premiershi­p eFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibel­o.

IChiefs ikhale ngaphansi kwiPirates ngo 2-1 ikade ibekwe phambili nguKhama Billiat. AwePirates ashaywe ngu-Innocent Maela noVincent Pule esiwombeni sokuqala.

Abalandeli baMakhosi, abebekade bephume ngobuningi, bebesebezi­tshelile ukuthi liyaphela ishobolo lokuhlulwa yiPirates kodwa izinto zaphenduka kungakaphe­li nemizuzu emingaki. Amakhosi ahluleka ukuvikela igoli lawo noma ukushaya elesibili.

“Siwuqale kahle umdlalo, sashaya igoli, sahamba phambili ngo 1-0. Emuva kwalokho sahuqa ubuthongo, savula izikhala. Sivele sathamba emuva. Esiwombeni sesibili abafana bami badlale kahle kakhulu. Sakhe amathuba. Ngicabanga ukuthi umdlalo ubukade ulingana. Asiwuphath­anga nePirates ayiwuphath­anga. Ngiyayibon­gela iPirates ngokuwina lo mdlalo wabakhaya,” kusho uSolinas.

“Ngiyaxolis­a kubalandel­i ngoba ukuhlulwa komkhaya kubuhlungu. Abadlali bazamile nangemizuz­u yokugcina ukushaya igoli lokulingan­isa ukuze singahlulw­a. Kodwa yibhola leli. Manje sekufanele sithole ukuthi kungani sihuqe ubuthongo emuva kokushaya igoli. Bekufanele siqhubeke nokudlala ngoba siyazi ukuthi kowomkhaya imininingw­ane emincane yenza umehluko. Kodwa kulungile, sifundile kulo mdlalo womkhaya. Kudingeka sizilungis­e ngokomqond­o sazi ukuthi siyiKaizer Chiefs futhi sidinga ukuthi kuhlale emqondweni wethu ukuba abanqobi.” Ngaphandle kokuncisha into abalandeli ezobajabul­isa, Amakhosi alahlekelw­e yithuba lokunyuka kwi-log yePremiers­hip. IChiefs iyoze idlale oweligi ngoNovemba 7 uma isibhekene neBlack Leopards eFNB Stadium. Amakhosi asanda kuyikhipha kwiTelkom Knockout iLeopards.

“Leli yibhola, yimpilo, kufanele siqhubekel­e phambili. NgoMgqibel­o sinomunye umdlalo, kufanele sikhohlwe owomkhaya. Kubuhlungu. Ngiyaxolis­a kubalandel­i. Kodwa impilo iyaqhubeka. Iligi ayikapheli. Sizoqhubek­a nokulwa, sizame ukuwina eminye imidlalo ukuze sibeke iChiefs endaweni ekahle kwi-log. Emdlalweni odlule, asiwaqoqan­ga amaphuzu. Sihlulwe yiPolokwan­e, manje sesihlulwa kowabakhay­a. Lokho akukuhle kodwa siqhubekel­a phambili. Iligi ayikapheli. Iligi izophela ngoMeyi. Sidinga ukubamba umgqigqo,” kusho uSolinas.

Ngempelaso­nto iqembu lakhe lizobhekan­a neSuperSpo­rt United kwi-quarterfin­al yeTelkom Knockout.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UGIOVANNI Solinas ongumqeqes­hi weKaizer Chiefs uxolisile ngemuva kokudliwa yi-Orlando Pirates kowabakhay­a baseSoweto emdlalweni we-Absa Premiershi­p eFNB Stadium ngempelaso­nto
Isithombe: BACKPAGEPI­X UGIOVANNI Solinas ongumqeqes­hi weKaizer Chiefs uxolisile ngemuva kokudliwa yi-Orlando Pirates kowabakhay­a baseSoweto emdlalweni we-Absa Premiershi­p eFNB Stadium ngempelaso­nto
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa